Umdidiyeli wemidlalo yethelevishini nosomabhizinisi uMnu uDuma Ndlovu ubhekene necala lokukhwabanisa intela ewu-R26 million. Isithombe: Sithunyelwe

Ugalagala lomqondisi wemidlalo yobuciko usolwa ngokubaleka noR26 million oyintela

YINTATHELI YOMBELE
UMDIDIYELI wemidlalo yethelevishini futhi owusomabhizinisi uMnu uDuma Ndlovu usolwa ngokukhwabanisa intela elinganiselwa kuR26 million. Kuleli sonto uvele enkantolo yamacala aqondene namabhizinisi iPalm Ridge Specialised Commercial Crime Court, lapho ebhekene khona namacala awu-18.  

Ngokwesitatimende esikhishwe yiSouth African Revenue Service (iSARS), uNdlovu, owumsunguli wemidlalo efana noMuvhango, Imbewu neminye ubekwe amacala noMnu uRodney Mutsharini obhaliswe ukusebenza ngentela nowayesiza lo somabhizinisi ngentela eqondene naye ngqo, i-personal income tax. Omunye nguMnu uMaxwell Mloyi, ongagunyaziwe ukusebenza ngentela kodwa owayesiza uNdlovu ngentela yenkampani yakhe, i-company income tax.  

I-SARS ithe baboshwe ngoMsombuluko bobathathu kanti badedelwe ngebheyili ngoLwesibili. UNdlovu ungaphandle ngebheyili ewuR100 000, kuthi uMutsharini noMloyi bakhokhe ibheyili ewuR50 000 umuntu emunye.  

Baboshwe emva kophenyo olwenziwe yiSARS ngokubambisana ne-Investigating Directorate Against Crime engaphansi koPhiko lokuShushisa eZweni lonke olwasola ukuthi ngathi kukhona umkhonyovu abawenzayo abasolwa bobathathu wokungakhulumi iqiniso ngentela eqondene noNdlovu neyenkampani yakhe. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/02/kongiwe-ur100bn-kubanjwa-umkhonyovu-esars/

“Ukusebenzisana ekuphenyeni izinto kwalezi zinhlaka zombili kuveze ukuthi inkampani engenye yezike zaphenywa, iBain and Company yathola umsebenzi eSARS. Emva kwaloko le nkampani isolwa ngokuqasha, i-Ambrobite, esibizwa ngeKanoboya Consulting kaNdlovu ukuthi kubenengxenye yomsebenzi owenziwa yiyo ngoNovemba wango-2013 kuya ngoSepthemba wango-2016. 

“Nokho ngesikhathi uNdlovu nomsiza ngezentela uMaxwell Mloyi beletha ama-tax return eSARS, kukhona okungesilo iqiniso abakusho. UMloyi noNdlovu bathi inkampani yayingasebenzi futhi ayizange isebenze nhlobo ngo-2013 kuya ku-2017, nokwasho ukuthi i-SARS ilahlekelwa yimali. 

“Mayelana nentela eqondene naye ngqo, kutholakale ukuthi yena noRodney Mutsharini basho okungesilo iqiniso ngesikhathi benza ama-tax return ango-2016 kuya ngo-2019. Ngaphezu kwaloko, bathe sebenza ama-tax return ango-2020 nawango-2022, bangawenza awango-2021, nakho okuholele ekutheni iSARS ilahlekelwe yimali. Imali I-SARS elahlekelwe yiyo ngenxa yalezi zenzo ezisolayo ibalelwa kuR26m,” kusho iSARS.

Icala lihlehliselwe umhlaka-11 kule nyanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page