Usomnotho waseFNB uMnu uThanda Sithole. Isithombe: Sithunyelwe

Isibalo sabantu abaqashiwe sibuyisa ithemba ezweni. USLINDILE KHANYILE uyabika

SEHLILE isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika. Sisuke ku-32.9% ngekota yokuqala yango-2023 sehlela ku-32.6% ngekota yesibili.

Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa kuleli sonto ziveze ukuthi abantu abaqashiwe sebewu-16.3 million, banda ngabawu-154 000 ngekota yesibili kulo nyaka. 

Abantu abangasebenzi banciphe ngo-11 000, bafinyelela ku-7.9m ngale kota. Abantu asebephelelwe wumdlandla wokufuna umsebenzi banciphe ngo-94 000. 

I-Statistics South Africa ithe: “Isibalo sabantu abangasebenzi esibheka izinto ngeso elibanzi sinciphe ngo-0.3 we-percentage point, safinyelela ku-42.1% ngekota yesibili yango-2023 uma kuqhathaniswa nekota yokuqala ka-2023.” 

Izimboni eziqashe kakhulu abantu ngeyokwakha (bawu-104 000), eyokuhweba (bawu-92 000) neyemisebenzi yemiphakathi nezenhlalakahle (bawu-63 000).

“Izimboni okunciphe imisebenzi kuzo eyokukhiqiza (yehle ngo-96 000), eyezimali (yehle ngo-68 000), eyezokuthutha (yehle ngo-7 000) neyezinkampani ezihlinzeka ngogesi, amanzi negesi (yehle ngo-6 000).

“Ngekota yesibili ka-2023, abantu abaqashwe kwi-informal sector banciphe ngo-33 000 uma kuqhathaniswa nekota edlule,” kusho iStats SA. 

Izifundazwe eziqashe abantu abaningi kakhulu yiLimpopo (bawu-80 000), iNtshonalanga Kapa (bawu-54 000), iKwaZulu-Natali (bawu-48 000) neMpumalanga Kapa (bawu-23 000), kuthi izifundazwe okunciphe imisebenzi kuzona kube yiFree State (yehle ngo-59 000) neNorthern Cape (yehle ngo-17 000).

“ILimpopo iyona ebe noshintsho olukhulu uma kuqhathaniswa amakota njengoba isibalo sabantu abaqashiwe sinyuke ngo-5.8%,” kusho iStats SA. 

Usomnotho eFNB UMnu uThanda Sithole uthi yize isibalo sabantu abasebenzayo sisengaphansi kwesasiyikho ngaphambi kokuhlasela kweCOVID-19 (ngekota yesine yango-2019) ngo-74 075, isibalo sabantu abasebenzayo siyaqhubeka nokuphucuka yize kunezinselelo emnothweni. 

Wengeze ngokuthi sekwengezwe imisebenzi engaphezu kuka-2m2 kusukela ngekota yesine ngo-2021.

“Nokho izinselelo ezikhona emnothweni ezithinta nokushoda kukagesi ziyingozi ezophazamisa umgqigqo,” kuphetha yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page