Kunezinhlelo zokuvuselela i-uShaka Marine World, indawo yokungcebeleka ePoint Waterfront eThekwini, KwaZulu-Natali Isithombe: Sithunyelwe

Ifakelwa izibuko eyamaqhinga okudoba izivakashi nemali e-uShaka Marine World. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOCWANINGO olwenziwayo ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani i-uShaka Marine World ukuze idobe izivakashi ezingaphezu kwenazo njengoba isezinhlelweni zokuvuselela ukusebenza kwayo emva kokuphazanyiswa iCOVID-19. 

Isikhulu esiphezulu sale ndawo yokungcebeleka esenkabeni yaseThekwini, KwaZulu-Natali uMnu uNdabo Khoza sithe kuvele kukhona okunye asebeqalile ukukuzama ukuze bangathembeli kuphela emalini yamathikithi nerenti ekhokhwa yiziqashi zabo, iningi lazo okuyizindawo zokudlela.

Esithangami sabezindaba ngoMgqibelo, uKhoza uthe: “Abantu uma bekhuluma ngokuya e(Walt) Disney World (indawo yokungcebeleka eMelika) abazi nokuthi ikuliphi idolobha, bathi nje baya eDisney. Nathi sinaleso sifiso sokuthi abantu basho kanjalo uma bekhuluma ngokuya e-uShaka. Kunocwaningo esilwenzayo ukubheka ukuthi singayiphucula kanjani indlela okubukeka ngayo.

“Intuthuko ayenzekile kangako futhi izinga leSouth Beach lehlile. Kunzima ukuphoqa abanikazi bezakhiwo kanti nomasipala uthwala kanzima (uma uzama ukulungisa). Amanye amabhilidi ungacabanga ukuthi abasekho abanikazi bawo, ubona sebevela ngoba usuya enkantolo kanti kukhona nezinye izinhlelo zokutshala imali ezibambezelekile.”

UKhoza, okhale ngokucinywa kukagesi, uthi nakuba zikhona izingqinamba kodwa izandla abazisongile njengoba kukhona asebeqale ukukwenza ukuphucula isimo.

UKhoza

“Kukhona izinto esizilungisayo (kwingqalasizinda). Sizosebenzisa uR500 000 ukulungisa imishishilizo yethu. Kubalulekile loku ngoba ngale kokubukeka kahle, asifuni futhi iwele phezu kwenu. Sizovala amasonto ayisithupha kusukela mhla ka-8 Meyi ngoba yisikhathi esisuke singekho matasa kangako. Senzela nokuthi kuthi kufika ibhizi kaJulayi, sesiqedile.

“Ezinye izinto esesiqalile ezisingenisela imali wukudayisa isikhala sokuthi abantu bakhangise yinto futhi engasidli imali ngoba nje sivumela umuntu akhangise kwi-billboard ngoR200 000 kodwa akukho zindleko thina esinazo ngaloko. 

“Abantu bayakwazi nokuzokwenza imicimbi yokwethula izinto,” kwengeza uKhoza. 

Omunye umsebenzi wokulungisa oqhubekayo wenganyelwe yiSouth African Association for Marine Biological Research wezindawo lapho kugcinwa khona izilwane ezitholakala kule ndawo kanti wona uzodla uR700 000. Okunye abakwenzayo wukuzikhangisa njengenye yezindawo okungaqoshelwa amafilimu kuyona.

I-uShaka Marine World ineminyaka ewu-19 yavulwa. Ingenye yezinto isifundazwe esiheha izivakashi ngazo, imboni okungenye yalezo ezashayeka kakhulu ngenkathi izwe livaliwe ngenxa yobhubhane, ngoba abantu kwakufanele bahlale emakhaya. 

UKhoza uthi nakuba izibalo zingakabuyeli kwezaziyizo ngaphambi kweCOVID-19 kodwa akusafani njengoba izivakashi ezifike ngoDisemba beziwu-80% wezazifika ngaphambi kokuvalwa kwezwe.

Kufika okungenani izivakashi eziwu-3 million kule ndawo ngonyaka kanti eziwu-850 000 ezisuke zingene ezindaweni okuthengwa kuzo amathikithi uma ufuna ukuzivakashela ezifana ne-Wet n’ Wild, iDangerous Creatures neSea World. 

Amathikithi okungena abiza kusukela kuR64 kuya kuR202 umuntu kuye nokuthi uya kuyiphi indawo nokuthi uneminyaka emingaki. Izingane ezineminyaka emithathu nangaphansi zingena mahhala.

“Empeleni kufanele ngabe sibiza imali ephindaphindiwe kunalena kodwa sizama ukuthi sithi sibiza imali ezokwenza sikwazi ukuqhuba umsebenzi kodwa futhi sibe yindawo abantu abangakwazi ukuza kuyona bayijabulele.

“Ngeke sikwazi ukuqhudelana nesinkwa, imali yesikole nokunye. Siyasibona isimo sempilo njengoba abantu bencishelwa imali abanayo, nakithina kuyazwela. Yingakho kukhona abantu esixoxisana nabo ukuze sibambisane nabo umuntu agcine esethola amaphuzu angawasebenzisa ukuthenga ithikithi lokuza e-uShaka njengoba kwenzeka ngezitolo zokuthenga ukudla nezinkampani zamabhanoyi,” kuphetha uKhoza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

https://iono.fm/p/2014

Inqolobane

You cannot copy content of this page