UKhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthi ithela izithelo indaba yokulandelela izigebengu Isithombe: Sithunyelwe

Uhleka yedwa umqoqintela wezwe ngemali engenile. USLINDILE KHANYILE uyabika

IMALI engeniswe intela ngonyaka wezimali wango-2022/23 ibingaphezu kancane kukaR2 trillion. Umqoqintela iSouth African Revenue Service (iSARS) umemezele izolo ukuthi  imali engenile ikhuphuke ngo-9.7% uma kuqhathaniswa nemali eyayingene ekupheleni konyaka wezimali u-2021/22. 

Nokho imali eqoqiwe emva kokukhokhela abakhokhintela nezinkampani imali abaybabuyiselwe yona nguSARS ibe ngaphansi kwebilindelekile njengoba igcine ibe ngaphezu kancane kukaR1.6trn. 

UNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wayethe balindele ukuthi kungene uR1.9trn ngenkathi ethula iSabelomali ngoFebhuwari.

I-SARS ibuyisele abantu nezinkampani uR381.1 billion, okuyimali enyuke ngo-18.7% uma kuqhathaniswa neyayibuyiswe ngo-2021/22. 

Uma kuqhathaniswa nonyaka wezimali odlule, intela ekhokhwe ngabantu inyuke ngo-8.3% yafinyelela kuR601.7bn, engeniswe yizinkampani ikhuphuke ngo-7.6% yaba wuR348bn, ebanjwa ezimpahleni i-VAT yanyuka ngo-8% yafinyelela kuR422.2bn kanti engena ngezimpahla ezithengwa kwamanye amazwe nenye intela yona ikhuphuke ngo-27.4% yaba wuR73.9bn.

Uhulumeni uthembele emalini yentela ukuqhuba umsebenzi njengoba u-90% wemali yawo iqhamuka kuyona. 

I-SARS ithe imizamo eyenzile ukulandelela abangakhokhi nabathola imali ngobugebengu ingenise uR227bn, ekhuphuke isuka kuR215.4bn ngo-2021/22. 

UKhomishana weSARS uMnu u-Edward Kieswetter uthe le mali abayiqoqile ikhombisa ukuzimisela kwezisebenzi zabo ukusebenzela abakhokhintela namabhizinisi ngokuthembeka nothando. 

Uthe baloku beqhubekile nokubuyekeza indlela abasebenza ngayo ukuze ihambisane nezikhathi. 
Uthe ezinye zezinto abazenzayo wukubheka ukuthi bangabheka indlela abantu asebesebenza ngayo ngokuba nemisebenzi eminingi kanyekanye, phecelezi i-gig economy.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page