Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana utshele amalungu ePhalamende ngoLwesihlanu ukuthi ukugodla imali yomasipala kuyasiza. Isithombe: Sithunyelwe

Sekuthela izithelo ukugodla imali yomasipala – uGodongwana

WUBONISWA MOHALE

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi luthela izithelo ezinhle uhlelo lokugodla imali yesabelo somasipala ewuR13,5 billion njengoba abawu-42 sebewulandela umthetho.

UGodongwana usho loku ngoLwesihlanu ngesikhathi kunomhlangano wokudingada lolu daba ePhalamende. “Akusikhona ukuthi asibasizi omasipala esigodle imali yabo yesabelo kodwa siyabasiza futhi siyabachazela ngezinyathelo okufanele bazithathe ukuze bathole imali yabo.

“Sithole ukuthi bakweleta i-Eskom, umqoqintela, izinhlangano ezihlinzeka omasipala ngamanzi, izikhwama zempesheni nezinye izinhlaka. Siqale ngoDisemba ukutshela omasipala ukuthi sizosiqinisa isandla ukuqinisekisa ukuthi bayawulandela umthetho wokuphatha kahle izimali,” kusho yena.

Uthe ngoDisemba bebewu-99 omasipala akade benenkinga yokungaphathi kahle izimali futhi besengcupheni yokugodlelwa isabelo sabo. Abanye bakulungisa obekuphakanyiswe wumGcinimafa bayithola imali yabo njengoba ngoJulayi kubanjwe eyomasipala abawu-69.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/14/luya-ephalamende-olukar135-billion-womasipala-abangenzi-kahle/

Kusukela lapho abawu-42 sebekwenzile okudingeka kubona bayithola ingxenye yemali okufanele bayithole. Uthe konke abakwenzile bebekwenza belandela isigaba 216 (2) somThethosisekelo uhambisana nesigaba 38 se-Local Government: Municipal Finance Management Act 56 wango-2003.

Emhlanganweni wangoLwesihlanu bekukhona iKomiti lokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, eleziMali, elokuThenga izimPahla nelomCwaningimabhuku-Jikelele.

Umqondisi-jikelele womNyango weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe bonke omasipala abawu-69 bathola izincwadi ezibachazela ukuthi isabelo sabo sizogodlwa ngale nyanga uma bengakulungisi okushiwoyo. Isabelo sikhishwa ngoJulayi, ngoDisemba nangoMashi.

“Kwabakade begodlelwe imali abawu-27 bayitholile imali yabo ngomhlaka-16 kule nyanga. Abayishuji bathole imali yabo egcwele ewuR1,7bn kanti abawu-17 bathole ingxenye yesabelomali sabo ewuR2,9bn ukukhokhela abantu abakweletayo,” kusho uPieterse.

Abawu-22 uthe bazoyithola kuleli sonto njengoba umGcinimafa ematasa ecubungula imibiko yabo ngokufanele bakwenze.

Ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosini Hlabisa uthe kufanele umGcinimafa aqinise isandla naseminyangweni kahulumeni neyezifundazwe ekweletela omasipala.

Usihlalo weFinancial and Fiscal Commission uDkt uPatience Nombeko Mbava uthe akukuhle ukuthi kubanjwe izabelo zomasipala ekubeni nabo bekweletwa uR217,9bn. Kwabakweleta omasipala kukhona iminyango kahulumeni ekweleta uR11,6bn, izinkampani ezikweleta uR46,4bn nabanye.

UGodongwana uthe uzokugcizelela eminyangweni kahulumeni neyezifundazwe ukuthi ikhokhele omasipala imali ebakweleta yona kungakadluli izinsuku eziwu-30.

Amalungu ePhalamende avumelene ngokuthi kufanele kulandelwe umthetho wokuphatha izimali komasipala ukuze kungajezi izakhamuzi nabantu abakhokhela izidingo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page