Umasipala uvule izikhungo zomphakathi ukuhlomisa intsha
YINTATHELI KAMASIPALA
IMIPHAKATHI nentsha yaseningizimu yaseThekwini bazohlomula ngezikhungo ezimbili zomphakathi amaHuman Capital Centre of Excellence asanda kuvulwa.
Imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba uvule lezi zikhungo ezizohlinzeka umphakathi ikakhulu intsha ngamathuba eCraigieburn naseLovu ngoLwesithathu.
Lezi zikhungo zivulwa ngokuqala kweNyanga yeNtsha emiphakathini ehaqwe wukushoda kwemisebenzi, ububha namathuba amancane.
Njengoba abantu abasha abaningi beswele amathuba kwimfundo, umsebenzi nokusebenzisa ubuchwepheshe, lezi zikhungo eziseCraigieburn naseLovu ziletha ithemba ngekusasa.
UXaba uthe lezi zikhungo zizohlomisa intsha ngamakhono nezinto zobuchwepheshe okudingekayo ukubamba iqhaza elibonakalayo kulo mhlaba odinga amakhono obuchwepheshe.
Wengeze ngokuthi: “Ngesikhathi lapho imindeni eminingi ibhekene nezinselelo zomnotho, lezi zikhungo zizokwenza umsebenzi omkhulu wokuhlinzeka ubuchwepheshe ne-internet mahhala emphakathini, zinciphise isidingo sokuthi izakhamuzi zihambe ibanga elide ukuyofuna usizo.”
Lezi zikhungo ziyingxenye yoxhaxha lwamaCentre of Excellence awu-34, zihlinzeka ngezinto namakhono kobuchwepheshe, izinhlelo ezicija amakhono, usizo lwamabhizinisi namathuba omsebenzi.
FUNDA NALAPHA: Intsha ewosomabhizinisi izoqala izifundo zamabhizinisi
Lezi zikhungo ezisezingeni eliphezulu zinezindawo zamakhompyutha zesimanje, iWi-Fi ewunyazi, izinkundla zobuchwepheshe okuhlinzeka intsha ngamathuba okuthuthukisa amakhono, ukwenza izinto ngezindlela ezintsha namathuba omsebenzi.
Umfundi kaMatikuletsheni eMkhomazi Secondary u-Anele Mgobhozi uthe lesi sikhungo sibuyise ithemba endaweni.
“Sizosisiza kakhulu uma sifaka izicelo zasemanyuvesi. Ukuthola i-internet yamahhala nemishini yobuchwepheshe kuzosisiza ukugcwalisa izicelo, sense ucwaningo futhi sikwazi ukusebenzisa izinto zobuchwepheshe ngendlela efanele.”
Wengeze ngokuthi sekuyisikhathi eside umphakathi, ikakhulu intsha, izizwa inganakiwe.
“Lesi sikhungo siyakushintsha loko. Siyindawo yokufunda amakhono amasha, ukuthola amathuba abonakalayo nokuphumelela. Okokuqala ngizwa sengathi sizobanekusasa, siqala ukushintsha isimo sezenhlalo nezomnotho emphakathini wakithi.
Lo mkhankaso ufakazela ukuzibophezela kukamasipala ekuhlomiseni intsha nokubasekhaleni lokuletha uguquko lwesikhathi eside.

