UMnu uPfananani Nemasisi, umsunguli we-AVM Angela Farming, yaseMukuru ngaseThohoyandou, eLimpopo, elima amaveji ahlukene. Izithombe: Zithunyelwe 

Umthwebuli usekhiqiza izigaxa zamaveji ekhethelo 

WUTHOBILE ZWANE

KWAKUNGESONA isifiso sakhe ukubawumlimi. Empeleni, umlimi waseLimpopo wayezibona ephila impilo yokuthwebula izithombe zomshado, evakashela izindawo ezihlukene ukuzakhela ikusasa lakhe. Nokho impilo yamphendukela ngendlela ayengayilindele.

Namuhla uMnu uPfananani Nemasisi, waseMukuru, ngaseThohoyandou eLimpopo, nowumsungli we-AVM Angela Farming, usengene shi kwezolimo ngenxa. Uhambo lwale nsizwa eneminyaka ewu-36 kwezolimo lwaqala ngesikhathi abazali bakhe bethenga ipulazi eLouis Trichardt.

E-AVM Angela Farming, engamahektha awu-9,8, kulinywa amaveji ehlukene okubalwa kuwona amaklabishi, ispinashi, i-butternut, i-mustard, u-beetroot no-green pepper.

Udedangendlale i-AVM Angela Farming etshale iklabishi kuyona

Ngaleso sikhathi yena wayesafuna umsebenzi ngemva kokuphothula isitifiketi se-Human Resource Management eJeppe College ePitoli. Njengoba ayesabheka umsebenzi, wayeziphilisa ngokuthwebula izithombe. Abangani bakhe babehlale bembuza umbuzo owodwa: ukuthi kungani engasebenzisi umhlaba wakubo.

FUNDA NALAPHA: Ozifundise ukulima ushintshe isimo somphakathi

Ekuqaleni wayengabezwa kodwa wagcina ebalalele, wazama. Wathatha isinqumo sokutshala amaklabishi okokuqala epulazini lakubo. Ngesikhathi etshala amaklabishi wayengazi ukuthi kuzoguqula impilo yakhe.

Uthi wonke amaklabishi akhe adayiseka zingakapheli izinsuku ezintathu. Leyo mpumelelo yamnika ithemba nokuzethemba. Ngemva kwaloko wabona ukuthi ezolimo zingayindlela entsha yokuphila. Ngokuqhubeka kwesikhathi watshala amanye amaveji.

Namuhla akasagcini ngokulima iklabishi kepha usetshala ispinashi, i-butternut, i-mustard namanye amaveji. Usiza abanye abalimi ngekampani yakhe iAVM Angela Farming, lapho efundisa khona ngezindlela zokunisela, ukufafaza izitshalo nokusebenzisa umhlabathi ngendlela efanele.

Ispinashi se-AVM Angela Farming selilungele ukudayiswa

Uthi abantu baqala ukukhuluma ngomsebenzi wakhe. Izitolo ezinkulu zaqala ukufuna ukusebenzisana naye. Amakhasimende aqhubeka nokuthenga kuye. Igama lakhe laqala ukusabalala nangaphandle kweLimpopo.

Useqashe izisebenzi ezine ngokugcwele neziyitoho ezisebenza ngezikhathi ezimatasa ezifana nokutshala nokuvuna.

UNemasisi uthi impumelelo ilele ekusebenziseni umquba wemvelo nesineke sokusebenza umhlabathi. “Ngikholelwa kakhulu ekusebenziseni umquba wezinkukhu ukunothisa umhlabathi. Ungatshala izithombo ezinhle kodwa uma ungazinakekeli ngeke uthole isivuno esisezingeni elihle,” kusho yena.

UNemasisi egabisa ngombila we-AVM Angela Farming

Yize esedlule ezintweni eziningi, uthi ezolimo zisamfundisa izifundo ezinzima nsuku zonke. Uthi: “Ngake ngabhekana nesikhathi esinzima, lapho izimvula ezinamandla zacekela phansi amahektha amabili ami. Ispinashi, i-butternut namaklabishi amaningi konakala ngesikhathi esincane. Nokho loko akungiqedanga amandla.”

UNemasisi ukholwa wukuthi abanye abalimi bagxila ekutholeni imakethe bese bekhohlwa into ebaluleke kakhulu, okuyizinga lomkhiqizo.

“Uma umkhiqizo wakho usezingeni eliphezulu, abantu bazowufuna noma ngabe awubafuni,” kusho yena. 

Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uNemasisi uthi: “Qala ngonakho, ungalindi isikhathi esihle ukuze uqale. Noma kuthiwa awunamali, qala.”

Facebook: Augustine Nemasisi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page