Kufike imigomo yamatela emisha ewu-3.5 million
WUBONISWA MOHALE
NAKUBA kukhona abafake ungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen enkantolo ngokucothoza kwezinhlelo zokugomela amatele kodwa uthi zihamba kahle izinhlelo zokuqeda lesi sifo ezweni.
U-Steenhuisen uthi ngeSonto kufike imijovo ewu-3.5 million yeBiogénesis Bagó ezokwandisa isibalo semijovo ekhona ezweni. Le mijovo evela e-Argentina izolandelwa ngeminye maduze evela khona ezofika kuleli sonto.
Uthe: “Ukufika kwale mijovo eminingi kangaka kusho ukuthi sizokwazi ukugoma izinkomo eziwu-14m ngokushesha. Ngidinga ukuthi bonke ongqongqoshe bezolimo ezifundazweni basheshise izinhlelo zabo.”
Uthe sebethenge imijovo ewu-13.5m ezobe isifikile njengoba inyanga isizophela ngoba inhloso yabo wukuqeda amatele, bavikele ezolimo, ukudla nomnotho wasemakhaya.
“Ukuqinisekisa ukuthi siyazifeza izinhlelo zethu zokuqeda amatele, sesiziqalile izinhlelo zokulanda imigomo elandelayo emva kwemijovo yokuqala. Loku kuzoqinisekisa ukuthi umjovo olandela owokuqala izinkomo ziwuthola ngesikhathi esifanele. Njengoba sesithenge ewu-13.5m. Loko kukhombisa ngokusobala ukuthi sizimisele ukuwaqeda amatele,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: INingizimu Afrika ithole imijovo yamatele ewu-1.5 million
Unxuse abalimi ukuthi baqinisekise ukuthi izinkomo zabo zigonyiwe futhi balandele imigomo nemibandela ababekelwe yona.
“Lesi sikhathi sidinga ukuthii sisebenzisane sonke kusukela kuhulumeni, abalimi abadayisela inzuzo, abasemakhaya, odokotela bezilwane nezinhlangano zolimo ezweni. Ngeke uhulumeni uwanqobe uwodwa amatele kodwa udinga zonke izinhlaka ezifanele. Ukuqeda amatele kuvikela imisebenzi, ukudla futhi kuqinisekisa ukuthi inyama yethu esiyidayisela amazwe amazwe ihamba ngaphandle kwezihibe,” kusho uSteenhuisen.

