INingizimu Afrika ikleliswe kahle emhlabeni
YINTATHELI YOMBELE
UHULUMENI uthakasile ngesinqumo sesikhungo esibheka isimo somnotho samazwe iMoody eyibeke endaweni engcono ngegama lokukweleta kwamazwe, yathi lihle liwuBa2.
Loku kwenza iNingizimu Afrika yangukuphela kwezwe emazweni akwiG20 ekleliswe kahle yiMoody’s ngesikhathi amazwe awu-23 enegama elingelihle kusukela kuqale impi eseMiddle East.
I-Moody’s ithe isinqumo sayo sikhombisa ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ukusimamisa isimo somnotho nokuphucula imithetho yokusebenza kwezwe.
Umqondisi-jikelele womNyango weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe: Lesi sinqumo seMoody’s singobunye bobufakazi bokuphucuka kwesimo sezimali seNingizimu Afrika ngenxa yoshintsho ekuphatheni izimali zomphakathi kahle.
“Siyaqhubeka nokugxila ezinjongweni ezimbili zokuphatha imali eziwukuqinisekisa ukuthi siqoqa imali eningi kunesiyisebenzisayo nokunciphisa isikweletu sezwe,” kusho yena.
I-Moodys ilindele ukuthi maduze kwande imali esalayo ngemva kokusebenza kweSabelomali futhi kunciphe isikweletu sezwe. Ithe nakuba impi eseMiddle East iyingozi emnothweni weNingizimu Afrika kodwa ilindele ukuthi leli zwe linezinhlelo ezinhle zokuqhubeka nokusimamisa umnotho.
Lesi sikhungo silindele ukuthi kwande ukutshala imali ezweni ngenxa yezinguquko eziqhubekayo, kunyuke isikali somkhiqizo wezwe sifinyele ku-2% ngo-2028. Silindele ukuthi imali esala ngemva kokusebenzisa imali kubewu-2% ngenxa yokwehla kwesikweletu sezwe.
I-Moody’s yagcina ngo-2007 ukubeka iNingizimu Afrika endaweni enhle kanti kulandela ukukleliswa kahle kwezwe yiS&P Global Ratings ngoNovemba wangonyaka odlule.

