UMasipala waseThekwini uthakasile ngempumelelo ye-Africa’s Travel Indaba
YINTATHELI YOMBELE
IZIHLATHI zivakashela izindlebe kubaphathi bakaMasipala waseThekwini ngemva kokuphothulwa ngempumelelo i-Africa’s Travel Indaba, egcwalise izivakashi kuleli dolobha.
I-Africa’s Travel Indaba iphele izolo kanti ngokwezikhulu zikamasipala ikwazile ukusiza osomabhizinisi ukwakha ubudlelwano futhi yagqhakambisa ukuthi kungani lo masipala uvelele kwezokuvakasha nasekuhleleni imicimbi.
Isizile nasekugcwaliseni izivakashi, yangenisa nemali esazomenyezelwa emnothweni waseThekwini nowaKwaZulu-Natali njengoba amahhotela, izindawo zokudla, ezokuthutha namanye amabhizinisi endawo bebike ukuthi zinyukile izibalo zabantu akadebekuwo.
Impatho enhle yabantu baseThekwini, ingqalasizinda esezingeni eliphezulu, izindawo eziheha izivakashi, amabhishi, izindawo zokuvakasha ezigxile kwezamasiko, ezokudla nezindawo eziheha izivakashi emalokishini ngokunye okujatshulelwe ngabantu akade bekwi-Africa’s Travel Indaba.
Imeya kamasipala uMnu uCyril Xaba ithe: “Idolobha lethu likhombise ukuthi likulungele ukumukela izivakashi noma nini. Kuyasigqugquzela ukuthola izincomo kwabebekulo mbukiso wokuvakasha.”
FUNDA NALAPHA: Imboni yokuvakasha ibalulekile ekukhuliseni umnotho – uRamaphosa
Uncomile ukusebenzisana okuhle phakathi kwemboni yokuvakasha, uhulumeni nezinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi izivakashi ziphephile futhi ziphatheke kahle kusukela uqala umbukiso uze uphele.
Uthe i-Africa’s Travel Indaba yindawo ebalulekile yokuthi abakuyona bazikhangise, batshale imali, bathole amathuba okwazana nawokukhulisa amabhizinisi okuvakasha futhi iphakamise igama likasipala lokubayindawo efanele uma ufuna ukungena ezwekazini i-Afrika.
Ngesikhathi isivala i-Africa’s Travel Indaba, iDurban Tourism ithule ngokusemthethweni umcimbi wayo oklomelisa amabhizinisi asembonini yezokuvakasha iDurban Tourism Business Awards.
Kuzobe kuwunyaka wesihlanu lo mcimbi uklomelisa osomabhizinisi kanti uzoba se-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngomhlaka-18 wangoJuni.
Ubonge bonke ababeneqhaza empumelelweni ye-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka kusukela kumabhizinisi akade ekhangisa, abathengi, izivakashi, abahleli, abaxhasi, izinhlaka zokuvakasha abasebenzisana nazo, amavolontiya nezakhamuzi zaseThekwini.
UXaba uthe bazokwakhela phezu kwempumelelo yalo nyanga, basebenzise nobudlelwano ababakhile namathuba abawathole kwi-Africa’s Travel Indaba ukukhulisa umnotho nokudala imisebenzi embonini yezokuvakasha.

