Uhulumeni awuyibhekelelanga intuthuko yamalokishi ngesikhathi wakha iKing Shaka, kuloba uJabulani Sikhakhane
ISINQUMO sikahulumeni sokwakha isikhumulo samabhanoyi esisha iKing Shaka International Airport eLa Mercy, eThekwini, KwaZulu-Natali, sesibeneqhaza elikhulu kwintuthuko yasenyakatho yaseThekwini kule minyaka engaphezu kweyishumi edlule.
Nokho loku kuyisikhumbuzo ngamaphutha enziwa wuhulumeni uma kuthathwa lesi sinqumo sokuvala isikhumulo sezindiza eReunion, eningizimu yaseThekwini, khwakhiwe iKing Shaka. Amaphutha kahulumeni ahlukene kabili.
Elokuqala uhulumeni awuzange uhlele ukwakhiwa kweKing Shaka ngendlela eyayizohlomulisa izindawo zabantu bomdabu, ezinjengelokishi laKwaMashu neMawoti, okuyizindawo ezineminyaka, kusukela ngesikhathi sobandlulululo, zincishwe amathuba entuthuko, ikakhulu kwezomnotho.
Elesibili, uhulumeni awuzange usungule imigomo yokuxebula ingxenye yenzuzo esenziwa osomabhizinisi asebehlomule kakhulu ngokwakhiwa kweKing Shaka International Airport nokwandisa ingqalasizinda, njengemigwaqo, ezindaweni ezisenyakatho yaseThekwini kuze kuyodlula eKing Shaka. Ziningi izindlela ezisetshenziswa ohulumeni kwamanye amazwe ukuxebula ingxenye yale nzuzo.
FUNDA NALAPHA: Isimo somnotho waseThekwini sisadinga ukucutshungulwa kabanzi, kuloba uJabulani Sikhakhane
Asiqale ngephutha lesibili. Umhlaba omningi ezinhlangothini zombili emgwaqweni omkhulu odlula eMhlanga ubheke enyakatho kwakuwumhlaba wezolimo, lapho kwakutshalwa izimoba khona. Wumhlaba lo izinkampani zomoba, ezinjengeTongaat Hullet, ezazingasawudingi. Zazihleli nawo, zibheke ukuthi amaphi amanye amathuba angavela ngokuwusebenzisa.
Ukwakhiwa kweKing Shaka kwandisa isidingo nentengo yalo mhlaba. Intengo yomhlaba wezolimo ivame ukubaphansi kweyomhlaba okwakhiwa amafemu kuwona, izindawo zokubeka izimpahla nezinxanxhathela zezitolo.
Esinye sezizathu zaloku ukuthi lo mhlaba udinga ukuthuthukiswa, ubenemigwaqo, amapayipi amanzi nawokuthutha indle, ugesi nezinye izidingo zomnotho.
Isinqumo sikahulumeni ngokwakhiwa kweKing Shaka saguqula umhlaba wezolimo, sawuphendula waba wumhlaba inani lawo eselinyukile. Kepha ukusetshenziswa komhlaba kulawulwa yimigomo yomasipala.
Loku kusho ukuthi izikhulu zeTongaat Hulett kwafanele zifake izicelo kuMasipala waseThekwini zokuguqulwa kwemvume yokusetshenziswa kwalo mhlaba, isuswe kwezolimo isiwe esigabeni samabhizinisi noma sokuhlala.
Lezi zinguquko zafakela iTongaat Hulett inzuzo enkulu, kangangokuthi kwabayiminyaka ilandelana le nkampani ibika inzuzo ukuthi yenze inzuzo ephezulu ngokudayisela abakhi umhlaba wayo lapho yayikade ilima khona umoba.
Sikhuluma nje ezinye zezikhulu ezake zaphatha le nkampani sithweswe amacala okukhwabanisa uR3.5 billion ngemva kokuvumbuka kobufakazi bokuthi sanyusa inzuzo ngokudayisa umhlaba eminyakeni ethile ukuze zihlomule. Zakwenza loku ngokushintsha emabhukwini ezimali ale nkampani isikhathi sokudayiswa kwengxenye yalo mhlaba.
Loku kwenza le nkampani ibike inzuzo ephezulu eminyakeni emine ilandelana kusukela ngo-2015 kuya ngo-2018. Zahlomula ngale nzuzo ephezulu emiholweni, hhayi nje kuphela eziyithola ngenyanga kodwa namabhonasi namasheya ezinikwa wona ngomsebenzi wazo.
Ukunyuka kwenzuzo eyenziwa inkampani kunyusa intengo yamasheya enkampani nalawo anikwa izikhulu njengomhlomulo.
Akugcinanga ngokuthi kuhlomule izinkampani ezinjengeTongaat Hulett kodwa nezinkampani nabantu abathenga lo mhlaba ukuwuthuthukisa ngokwakha izindlu, amahhovisi nezinye izikhungo zohwebo bahlomula ngokunyuka kwentengo yawo. Ukunyuka kwentengo yawo kunyuswe wukusondelana kwalezi zindawo neKing Shaka nokunwetshwa kwemigwqaqo nokwakhiwa kwemisha.
Uhulumeni waphoqeka ukuthi uthuthukise umgwaqo omkhulu oya eKing Shaka. I-South African National Road Agency (iSanral), ephethwe wuhulumen,i isisebenzise amarandi ayizigidigidi ithuthukisa umgwaqo oya eKing Shaka kusuka kuSpaghetti Junction, kuze kuyofika noma kudlule eKing Shaka.
Ukuthuthukiswa kwalo mgwaqo, okuyizindleko ezithwelwe yiSanral, kunyusa intengo yomhlaba owugudlile, ikakhulu umhlaba osetshenziselwa amabhizinisi.
Kwamanye amazwe ohulumeni banentela yengqalasizinda, phecelezi i-infrastructure levy, ebhekene nokuthuthukisa ingqalasizinda okubalwa imigwaqo. Le ntela ikhokhwa ngamabhizinisi nabanye abanikazi bomhlaba abahlomula ngokunyuka kwentengo yomhlaba wabo, ngenxa yesinqumo sikahulumeni sokuthuthukisa ingqalasizinda.
Elinye iphutha likahulumeni kwabawukungahleli ukwakha iKing Shaka ngendlela eyayingathuthukisa izindawo zabantu abamnyama, okubalwa ilokishi KwaMashu. Izindawo zabamnyama esikhuluma ngazo lapha ezasungulwa wuhulumeni wobandlululo, izindawo ezakhethwa ukuze zithi ukuqhelelana nezizinda zomnotho wezwe nalapho kuhlala abelungu khona.
Ngamanye amazwi isinqumo sokushiya ngaphandle iKwaMashu entuthukweni edalwe yiKing Shaka kugcizelela ukungabaluleki ngokwezomnotho kwalelokishi nabantu abahlala kulona.
Sikhuluma nje amathuba amaningi emisebenzi KwaMashu ancike kwingqalasizinda kahulumeni, okubalwa izikole, imitholampilo nezinye izikhungo zemisebenzi kahulumeni wezwe, owesifundazwe nowomasipala.
Loku kusho ukuthi abantu abahlala KwaMashu kusafanele bavuke ngovivi beye emisebenzini ekude nelokishi, okwakuwuhlelo lukahulumeni wobandlululo.
Ukuba uhlelo lomzila wentuthuko yezomnotho, phecelezi i-economic corridor, yeKing Shaka lwafaka iKwaMashu, ngabe ingxenye yezakhamuzi zakuleli lokishi zahlomula ngokunyuka kwentengo yomhlaba nezindlu.
Ilokishi nje lonke lalingahlomula ngokwakhiwa nokuthuthukiswa kwemigwaqo exhumene noma ebheke eKing Shaka.
Ukuba umgwaqo oya eKing Shaka wawusondelene naleli lokishi, amanye amabhizinisi ayengafuna ukuvula izizinda zawo ezindaweni ezisondelene nalo.
La maphutha kahulumeni awaziguquli izinhlelo zobandlululo ngemva kweminyaka engaphezu kwewu-30 kwaphela ubandlululo, isimo esishiya ingxenye enkulu yabantu abamnyama bengenaqhaza elitheni kwezomnotho.


