UNksz uKeneilwe Raphesu, umsunguli weKR Farming Enterprise yaseGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi wesifazane uzodlisela amadoda ogageni kwezolimo

WUTHOBILE ZWANE 

INTOKAZI yaseGauteng eyayingakaze izibone iwumlimi kodwa namuhla isiphila impilo yokungungwa yizinkomo, izingulube nezitshalo kudedangendlale wepulazi.

UNksz uKeneilwe Raphesu uthi ukukhulela eShayandima, eThohoyandou, eLimpopo, kwamfundisa ukubekezela nokuzizamela ngenxa yokuthi yayingenazo izinto eziningi futhi nemali yayiyivelakanance. Amathuba okuphumulela empilweni ayemancane nezinsizakusebenza zinqabile. Ukubona abantu bangakubo bezama ukuphila besebenzisa izandla zabo kwamnika umqondo wokuthi impilo ingaguquka umuntu uma ezimisele.

FUNDA NALAPHA: Usefunde ukuhlelela izikhathi zobunzima uma kubhimba uhlelo. INTATHELI YOMBELE iyabika

Impilo yenze ukuthi le ntokazi oneminyaka ewu-28 igcine isihlala eGauteng, lapho isuwumnikazi wepulazi iKR Farming Enterprise. Ipulazi elinamahektha angaphezu kwawu-100 nelinye nelinye elinawu-200, lapho itshala khona isoya nombila futhi fuye izinkomo nezingulube. 

I-KR Farming ayigcini nje ngokulima kepha futhi icija izisebenzi, ibheke ukunakekela izilwane, qinisekise ukuthi konke kuhamba ngomumo.

UNksz uRaphesu uthe indlela yakhe yokuqala ukulima nokufuya ayizange ibelula. Uthi ipulazi walithatha kuyise phakathi kwango-2020 no-2021. Kwakungesona isinqumo esilula kodwa wayazi ukuthi uma engazami, ngeke azi ukuthi angakwazi yini.

“Ngiyakuthanda loku engikwenzayo manje kodwa akuzange kubelula. Uma uthanda into, uyakwazi ukubekezela noma izinto zingahambi kahle. Izinto azihlali zihamba ngendlela osuke ufisa ngayo. Ukwebiwa kwemfuyo kuyangihlupha kakhulu, izinkomo nezingulube ziyalahleka, bese kulahleka imali. Ngiyazama ukuthi loko kungangibuyiseli emuva,” kusho yena.

Imfuyo yase-KR Farming Enterprise

Uhlome ngeziqu ezimbalwa, athi kumsize kakhulu ngoba akasafuni ukuthembela kwabanye abantu ukuthi baqondise yonke into emsebenzini. Une-Bachelor of Arts in Labour Relations and Psychology yaseNorth-West University, i-BCom in Economics and International Trade yaseNorth-West Universityne-Advanced Animal Production yaseTshwane University of Technology.

Uhlela ukwakha igqo lezingulube elikhulu nokuvula amathuba entsheni, ikakhulu kweyasezindaweni ezifana nakhulela khona. Ufuna ifunde ukuthi ukulima wumsebenzi.

UNksz uRaphesu ululeka intsha nabantu besifazane ngokuthi: “Ungesabi ukuqala. Lo mkhakha usagcwele amadoda kodwa nathi (bantu besifazane) singakwazi ukungena kuwona. Ungalindi isikhathi esilungile ukuze uqale, qala lapho ukhona.”

Instagram: @krfarming

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page