UDkt u-Ethel Zulu, umsunguli weBee Tree Farm, ipulazi lamaveji nezinkukhu eliseCullinan, emaphethelweni asePitoli. Izithombe: Zithunyelwe

Uhlwanyela imbewu yokuthi kubenezinkulungwane zabalimi nabafuyi ngomuso 

WUTHOBILE ZWANE

UNGOTI wokudla okunomsoco waseCullinan, emaphethelweni asePitoli, wangena kwezolimo ngoba ebona ukushoda kwabantu besifazane.

Intshisekelo yokuvala lesi sikhala yenza uDkt u-Ethel Zulu wasungula iBee Tree Farm, ipulazi elingamahektha awu-23 elifuya izinkukhu, litshale namaveji ahlukene. Litshala ispinashi, iklabishi i-broccoli no-pepper

UDkt uZulu, oneminyaka ewu-52, une-PhD in Nutrition zase-University of Potchefstroom. Usebenzele umNyango wezoLimo eNorth West iminyaka eminingi, lapho ahamba khona iNingizimu Afrika yonke ecija abantu ngokutshala nokufuya. Uphiko lokuqeqesha lweBEE Tree Farm lugunyazwe yi-AgriSeta.

“Ngo-2017 nganquma ukushiya umsebenzi. Ngaqala ibhizinisi lokuqeqesha ngezolimo. Inhloso yami bekuwukuthola ulwazi ngitshengise ukuthi uyakwazi ukuphumelela futhi uphile ngokulima.

“Ibhizinisi lami elikhulu wukuqeqesha. Ngangihamba ezweni lonke ngiqeqesha abantu, manje abantu beza kimi,” kusho yena.

Amaveji eBee Tree Farm

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/16/umlimi-wesifazane-omncane-uqhubeka-esisekelweni-esabekwa-ngabakubo

Namuhla iBee Tree Farm ifuye izinkukhu ezingaphezu kweziwu-7 500 ezidayisela izitolo ezihlukene nabadayisi bendawo.

Njengeningi losomabhizinisi, uDkt uZulu uthi wabhekana nezingqinamba ngenkathi esazama ukhulisa ibhizinisi. Lapha ubala ukuxhaswa okwanele nezidingongqangi nokufinyelela ezimakethe zokudayisa umkhiqizo.

Ukukhula kwebhizinisi lakhe sekuvulele amathuba emisebenzi, uqashe izisebenzi eziwu-12 ngokuphelele.

Isivuno seBee Tree Farm sesilungele imakethe

Lolu qweqwe lomlimi nomfuyi lucebisa abantu abafisa ukuqala ibhizinisi ngokuthi kuhle ukuqala kancane, ugxile kwimakethe yakho, ungqongqoze eminyango ehlukene, ungalindi ukuxhaswa wuhulumeni ngemali. “Funda ukuthi imakethe idingani bese ubuyela epulazini lakho futhi ubhekane nalezo zidingo.”

Ufisa ukuthi iBee Tree Farm iqeqesha abalimi nabafuyi besifazane abangaphezu kwa-1 000 ngonyaka eNingizimu Afrika yonkana.

“Ngifisa ukukhulisa umsebenzi wami wokulima futhi ngibe umhlinzeki othembekile ezweni lonke wezinkukhu namaveji. Ngikholelwa kakhulu ekutheni ezolimo zingathuthukisa abesifazane kwezomnotho, zakhe amathuba emisebenzi, ziphinde zisize ekulweni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane,” kusho uDkt uZulu.

Facebook: Bee Tree Organic Farm and Accommodation

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page