Siyakuthakasela ukuqokwa komqondisi woPhiko lokuShushisa eZweni omusha – iBLSA
INTATHELI YOMBELE
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyakuthakasela ukuqokwa kuka-Adv uLekgoa Mothibi ukuthi abewumqondisi woPhiko lokuShushisa eZweni.
Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithi: “I-BLSA ikholwa irekhodi elihle lika-Adv Mothibi kwezobulungisa yilona elenza ukuthi ukuqokwa kwakhe kuyinto enhle ezoqinisekisa ukuthi uPhiko lokuShushisa luyaqhubeka nomsebenzi walo obalulekile wokulungiselela ukushushisa amacala.
“Ngaphansi kobuholi bakhe, iSpecial Investigations Unit (iSIU) ibenenqubekelaphambili ekulweni nobugebengu, okufaka nokubuyisa izigidi zamarandi ezilahleke ngenxa yenkohlakalo. Irekhodi lakhe elihle kwiSIU lingezinye zezinto ezitshengisa izinguquko ezenzekayo uma izinhlaka ezilwa nenkohlakalo zibambisana. Sikholwa wukuthi u-Adv uMothibi uzozanolwazi olufanele namava azoqinisekisa ukuthi lolu phiko luyazifeza izinjongo zalo zokulwa nobugebengu nenkohlakalo,” kusho yena.
UNksz uMavuso uqhube wathi esi sikhundla sibalulekile kwabamabhizinisi. Ukusebenza komthetho kubalulekile ekusebenzeni kwentando yabantu nendawo amabhizinisi abasebenzela kuyona. Ezobulungisa ezingathembekile zenza izindleko zamabhizinisi zibephezulu, hhayi nje ngokunyusa izindleko zobugebengu kodwa nangenxa yokulahleka kwethemba emnothweni.
Uma ababambisanayo bengakwazi ukuthembeka ukufeza izivumelwano, izindleko zabamabhizinisi ziyanyuka, okunqinda ukukhula komnotho.
I-BLSA izoluseka ngokuphelele uphiko lokushushisa lusaqhubeka nomsebenzi walo wokushushisa amacala obugebengu ukuqinisekisa ukuthi izigebengu ziyajeza.

