Uphendule umhlaba womndeni ipulazi elondla abantu bendawo
WUTHOBILE ZWANE
NGEMVA kokufundela imisebenzi ehlukene nokusebenza edolobheni, intokazi yaseManini, eThohoyandou, eLimpopo yazizwa ikhathele emoyeni yabona kungcono ukuthi ibophe imithwalo ibuyele emakhaya.
UNksz u-Amanda Murungi, oneminyaka ewu-26, uthi ngemva kokuphothula uMatikuletsheni wazama izinto ezihlukene kodwa kwathi ngesikhathi kubheduka i-Covid-19 ngo-2020 wabuyela emakhaya ePhidiphidi, eThohoyandou, ukuyosiza ugogo wakhe epulazini lakhe lombila.
Uthe ukhumbula iphunga lamasimu futhi ephuza itiye elinocezu lukalamula ngesikhathi sekhefu, okwatshala uthando lokulima kuye.
Emva kokuhlala nogogo wakhe wacela umhlaba wokulima endaweni yomndeni, wase ebhalisa ipulazi lakhe iRenewed Steadfast ngo-2023.

Ngesikhathi esebenza nogogo wabuye wahlanganyela namakholwa ayesonta eplazini nako okwamsiza ukusondela emhlabathini ngomsebenzi wezandla. Ngaphezu kokumnika umhlaba umndeni wakhe, wamxhasa ngemali yokuqala umsebenzi.
“Ngo-R15 000 engawunikwa umndeni wami, ngaqala ukulima. Ngasebenzisa leyo mali (emshinini) wokuchelela omncane, ukuthenga umanyolo nokutshala izithombo. Ngaqala nokuxoxa ngomsebenzi wami ezinkundleni zokuxhumana. Ngesikhathi ngenza loko ngazizwa nginokuthula emoyeni okokuqala ngqa empilweni yami,” kusho yena.
Namuhla ipulazi lakhe liyindawo enempilo, utshala upopo, ukotapheya, uphayinaphu, ubhanana, amakhabe, amagrebhisi, ugwava, ulamula, utamatisi, umango, ama-litchi, u-beetroot, u-anyanisi, upelepele, u-green beans, uphizi, amazambane, ubhatata nezinye izitshalo eziningi. Ufuye izinkukhu nezimbuzi. Utshale nezimbali eziqhakazisa ipulazi.

Uthe uzenzela ngisho nokudla kwezinkukhu ngesinkwa esomisiwe, amagobolondo amaqanda agayiwe namathambo, imbewu kabhekilanga ne-papaya.
“Umango yiwona omuhle kakhulu kanti sinomama senza i-atchar kamango esiyidayisa ngasekhaya. Sidayisa amaveji endaweni yokudlela yangasekhaya. Kwesinye isikhathi, sipha omakhelwane, abangani nabantu esingabazi izithelo. Ngezinye izikhathi ngiphatha izithelo esikhwameni, ngilinde ukuthi kubekhona ozongibuza ngazo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/16/umlimi-wesifazane-omncane-uqhubeka-esisekelweni-esabekwa-ngabakubo/
Ukulima akakufundelanga kodwa uneziqu ze-Human Resource Management azithola eTshwane University of Technology, wake wazama nokufundela ubunjiniyela.
“Ngake ngazama ibhizinisi lezinwele, kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngaya eMpumalanga ukuyokwenza izifundo ze-Economics and Management Sciences. Ngangifuna ukwenza umsebenzi wezandla kodwa ngangingazi ukuthi wonjani engiwufunayo,” kusho yena.
Wenza izifundo ze-Clothing Production eCentral Johannesburg College kusukela ngo-2016 kuya ngo-2017. Ngemva kwaloko, wathuthela eMaboneng wayosebenza efemini yezingubo.
“Ngasebenza iminyaka emibili ngiwumsikingqephu, ngenza izingubo, ngihlela imicimbi. Ngangihlola nemisebenzi ehlukene esiyikhiqizayo,” kusho yena.
Okwamanje unesisebenzi esisodwa esiyitoho. Ufisa ukuthi ukuqasha abantu abaningi uma kukhula ibhizinisi.
Ukukhulisa umsebenzi wakhe, wenza izifundo zokukhangisa e-University of South Africa, okumsiza ukuthi aqonde ukuthi angayikhulisa kanjani imikhiqizo yakhe nokuthola ezinye izimakethe angadayisa kuzona.
Ululeka abantu abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi baqale ngaloko abanako. “Ibhizinisi alilula. Lidinga isineke ngoba nezinselelo zikufundisa okuthile. Yibanesineke, zethembe futhi ungayeki ukukholwa wukuthi imbewu oyitshalayo izokulethela izithelo ezinhle.”
Uphethe ngokuthi: “Ngifuna iRenewed Steadfast ibeyindawo ephilisayo, ingadi yokudla lapho wonke umuntu engangena khona, athathe akudingayo ukuze alale edlile. Ngifuna ukufundisa abantu abasha ukudala amathuba omsebenzi nokusiza umphakathi wakithi ukuthi uxhumane nemvelo.”

