Izinkampani ezidayisa izimpahla phesheya zikhala ngesiminyaminya echwebeni laseThekwini. Isithombe: Sithunyelwe

Isiminyaminya echwebeni yaseThekwini sishaya asafufusa

WULAZOLA ZUMA

ISIMINYAMINYA esisechwebeni yaseThekwini asisagcini nje ngokubambezela ukusebenza kodwa sesiqala ukuwisa amabhizinisi nabalimi asafufusa abadayisa kwamanye amazwe.

Uma imikhumbi ishaya ujenga kugcina kukhanselwe ama-oda aphumayo futhi kunyuke izindleko zenhlawulo. Osomabhizinisi baselokishini abadayisa akade bebona amathuba okudayisa zimpahla kwamanye amazwe njengoba kuvuleka amathuba manje basengozini yokungcolelwa yigama kumakhasimende abo nokuncishelwa yinzuzo.

UNks uNomsa Khumalo, usomabhizinisi waseFree State nowumsunguli weKhali Agri-Exports, edayisa upelepele nama-herb emazweni aseningizimu ye-Afrika, uthi ama-container awabekisela indawo ngo-Agasti namanje asalinde ukuthululwa.

“Benginekhasimende eBotswana eligcine lihoxile ngenxa yokuthi belingeke liqhubeke lilinde sekudlule isikhathi sokudiliva. Manje kukhuphuka izindleko zokuthutha nenhlawulo kanti angikwazi ukuthi ngingavele ngiye kwelinye ichweba,” kubalisa yena.

Isitolo sefenisha saseThekwini iZinhle Creations, esenza izihlalo nezimpahla zokuhlobisa indlu kwanokusho, naso sikhalo leso sililo. Umsunguli waso uNks u Zinhle Mthembu uthi kuqala bekuthatha amasonto amathathu ukuthi izimpahla ziphume zigcine zifinyelele kwikhasimendelakhe  eNamibia kodwa manje sekuthatha amasonto ayisithupha.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/13/uqinisa-idolo-umbono-ocacile-ngokuguqula-imboni-yezokuthutha-kuloba-ubusi-mavuso/ 

Uma kudlula isikhathi avumelene namkhasimende ngazo, agcina ekhansela noma afune isaphulelo, okumshaya ephaketheni. “Umuntu ongithuthela izimpahla uthi ukubambezeleka kwezinto ePier 1 mhlawumbe kuthatha amasonto amabili echwebeni ngaphambi kokuthi zibhaliswe,” kusho yena.

I-Transnet isanda kumemezela ukuthi itshale uR3.4 billion kulo nyaka ekuphuculeni ukusebenza emachwebeni, okubalwa ukuthenga o-crane nezinye izinto ukunciphisa isiminyaminya emachwebeni aseThekwini naseCape Town. Ngomhlaka-18 wangoSepthemba iTransnet ivumelane nankampani yaseJalimane iLiebherr ukuthi iyidayisele o-crane abane abafinyelela emkhunjini baseThekwini nezinguzanguza zo-crane abanamathayi enjoloba awu-48 echwebeni eseCape Town.

Iphini likangqongqoshe womNyango wezokuThutha uMnu uMkhuleko Hlengwa liyavuma ukuthi kunesidingo esikhulu sokunciphisa isiminyaminya echwebeni, kuphuculwe imigwaqo yokungena neyokuphuma enjengeBayhead Road neLangerberg Road, bese kuvulwa ezinye izindlela zokukhipha ama-container echwebeni ngojantshi wesitimela.

“Usumkhulu umsebenzi owenziwe ekunciphiseni isiminyaminya semikhumbi echwebeni laseThekwini,” kusho uHlengwa, wabalula ukuthi ukubambisana kweTransnet, iTransnet National Port Authority nabalingani babo emboni kuholele ukuthi imikhumbi epakile yehle isuka ku-24 ngasekupheleni kwango-2023 igcine ingasekho ngoMeyi wango-2025.

Nokho osomabhizinisi baselokishini abadayisa izimpahla phesheya basakhala ngokulahlekelwa “ngalobu bungcono” Inhlawulo ekhokhelwa ama-container asedlulelwe yisikhathi iyaqhubeka nokunyuka. Abanye abathengi bayazinqaba izimpahla uma zifika sekuphele isonto bezilindele.. Isimo sezimali siyabheda emabhizinisini asafufusa uma amakhasimende ephuza ukukhokha. Abantu abathutha izimpahla babiza imali enkulu, nabo bekhala ngemali ye-overtime yabashayeli, ukunyuka kwentela yokuthutha nokushintsha kwezikhathi zokubekisa indawo emachwebeni.

I-Transnet ilinganisa ukuthi kuzothatha cishe amasonto awu-15 ukuthukulula isiminyaminya semikhumbi ngaphansi kwalesi simo. Sibhoke ePier 2 ngenxa yokufa kwemishini, phakathi kwezinye izinto.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page