I-Johannesburg Stock Exchange isiqale uhlelo olubizwa nge-Claim It olugqugquzela abantu ukuthi balande imali yabo yamasheya. Isithombe: Sithunyelwe

I-JSE ihleli noR4.5 billion wamavenge abatshala imali

INTATHELI YOMBELE

I-JOHANNESBURG Stock Exchange (iJSE) isithule uhlelo lwe-Claim It ukusiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathole imali yabo abangayilandile etholwa ngabantu abatshale imali kumasheya. Ithe kunoR4.5 billion okufanele ubuyele kubantu ohlezi esikhwameni sayo.

I-Claim It wumkhankaso weJSE nezinye zezinkampani ezihweba eJSE yokubuyisela imali kubanikazi bayo.

Ithe ifuna abantu abawu-375 000 ababenamasheya ezinkampanini ezihlukene, kudingeka nemindeni yabo noma ababondliwa yilaba bantu uma bengasekho.

Phakathi kwezinto ezenza ukuthi abantu bangazi ukuthi banemali yamasheya okufanele bayithole kubalwa ukushintsha umsebenzi, ukuba nekheli elisha, ukushintsha kwemininingwane yasebhange egcina ingafikanga enkampanini umuntu athenga amasheya kuyona. Loku kwenza ukuthi kubenzima ukuqinisekisa imininingwane yokufanele bathole amavenge amasheya.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/08/05/abanezabelo-enkampanini-yezimayini-imantengu-mining-sebezokwazi-ukuphinde-bahwebe-ngamasheya-ayo-kusukela-namhlanje-ukuhweba-ngala-masheya-kade-kumisiwe-ejse/

Ngohlelo lwe-Claim it abantu bazokwazi ukubheka ukuthi ayikho yini imali abakweletwa yona ngokwenza loku okulandelayo:

Bangavakashela i-website yeJSE ku-www.jse.co.za/claimit  bese begcwalisa ifomu kwi-internet.

Bashayele i-JSE Claim It ku-0861 401 105 ukuthola ukuthi banelungelo yini lokuthola ama-dividend.

Amaphepha adingekayo yilawa:

Umazisi osemthethweni waseNingizimu Afrika;

Iminingwane eqondile yokuxhumana nofuna imali, njengeyeselula, eyocingo lwasekhaya ne-email;

Ikheli lasekhaya;

I-JSE izobe isiqinisekisa ukuthi imininingwane iyahambisana yini neyabaninimasheya ebhalisiwe. 

Izinkampani ezisohlwini eziwu-19 i-JSE ehlangene nazo ukuhlanganisa kabusha abantu baseNingizimu Afrika nemali yamasheya abo yilezi: African Media Entertainment, Wilson Bayly Holmes-Ovcon, Advtech, Super Group, Mpact, Reunert, Northam Platinum Holdings, Old Mutual , Sasol SA/Khanyisa, Quilter PLC, Finbond Group, YeboYethu, Cashbuild, Naspers, JSE, Merafe Resources, Growthpoint Resources, Sasol neSasol Inzalo.

Ukukhuthaza abantu ukuthi bazolanda imali yabo i-JSE isebenzisana nowayengumdlali webhola ohlonishwayo emhlabeni jikelele uLucas Radebe oqokwe njengenxusa lalo mkhankaso.Ukuthola usizo nolwazi oluthe xaxa mayelana nokuthi ungawafuna kanjani amavenge akho, vakashela ku-www.jse.co.za/claimit noma ushayele iJSE Claim It ku-0861 401 105 bese ulandela amakhasi ezinkundla zokuxhumana eJSE ku-Facebook (The JSE Group) X (@JSE_Group) ne-LinkedIn (JSE Limited).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page