Umsunguli webhizinisi lekota yekhethelo iKota 2 Nice uNksz uNeliswa Mntungwa ufisa ibhizinisi lakhe ligcine selinamagatsha KwaZulu-Natali yonke. Izithombe: Zithunyelwe

Isikole samnika umqondo webhizinisi yekota enomkhuba

WUTHOBILE ZWANE

WAYENZA umsebenzi wesikole lapho kwakufanele baqhamuke nohlelo lwebhizinisi kanti kuzogcina kuzaleka ibhizinisi elimsizile ngemva kokudilizwa emsebenzini. Namuhla uNksz uNeliswa Mntungwa usewumnikazi weKota 2 Nice, indawo yokudla okusheshayo yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. 

Lo somabhizinisi, odabuka eCamperdown, phakathi kwaseThekwini naseMgungundlovu, wayenza iziqu i-Bachelor in Business Administration eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngesikhathi ethola lo mqondo wokwenza ikota ehlukile.    

Uqale ibhizinisi ngo-2019 kanti isifiso sakhe wukuthi ligcine selinamagatsha esifundazweni sonke.

“Empeleni umqondo wawusuka emsebenzini wesikole esasiwunikiwe njengoba ngangifunda lapho kwakufanele siqhamuke nomqondo oyingqayizivele futhi sakhe uhlelo lwebhizinisi, mina ngase ngacabanga ibhizinisi lekota,” kukhumbula yena.

Ikota econsisa amathe yeKota 2 Nice

Udayisa nama-pattie enyama yenkomo asuka ku-R60 kuye ngokuthi athakwe kanjani nesisindo sawo. 

“Uma ulandela ikhasi lethu, ibhizinisi libonakala njengomuntu wakhona, (abantu) bakuthola uhlakaniphile, uhlekisa futhi kuxoxeka kalula. Ukwethulwa kokudla kwethu nako kuyindlela enkulu esigqamisayo,” kusho UNksz uMntungwa. 

UNksz uMntungwa uthi imali ihlale iyinselelo enkulu ngaphezu kwaloku okubonakala kuyikho kanjalo nabantu abasebenzayo. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/18/ufuzo-ukubambisana-kwezelamani-nokucabanga-ngokushesha-yizinongo-zebhizinisi-lekota-enomkhuba-phakathi-esinye-sazo-sixoxe-nosimangaliso-ntshangase/

“Ungacabanga ukuthi kunabantu abaningi abangabasebenzi, kulula kanti kungenye yezinselelo ezinkulu. Iminyaka emihlanu ezayo izosho ukuthi iK2N izobe ineminyaka eyishumi ubudala, okuyinto ejabulisayo. Impela ngibheke ukwakha i-franchise futhi ngivule amanye amagatsha eKZN,” kusho uNksz uMntungwa.

Uthi uyakujabulela ukuthola ulwazi abengeke aluthole ukube ubesaqashiwe. Uyakuthokozela nokuqahamuka nezinto ezintsha.  

Ama-pattie enkomo aconsisa amathe eKota 2 Nice

“Bengingakwazi ukuqasha izisebenzi ngokuphelele kodwa ngiqasha abantu abayitoho abayisishiyagalombili betoho, ikakhulukazi uma kunamafestivali.”  

Ukhuthaze osomabhizinisi abasaqala nabacabanga ukuqala ukuthi bangadikibali ngoba izinto zingahlangani ngoba ukwenza amaphutha nokuhluleka kuhambisana nokukhulisa ibhizinisi.

  • Facebook: Kota 2 Nice
  • Instagram: @kota2nice

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page