Bahleka bodwa abanikazi beSpur
INTATHELI YOMBELE
YIZE abathengi bethwele kanzima kodwa kubonakala sengathi abazibekile phansi ngokuzikhipha. Inkampani yezindawo zokudla okusheshayo iSpur Corporation ishicilele imiphumela yayo yemali yonyaka wezimali ophele mhlaka-30 wangoJuni.
Le nkampani, engabanikazi beSpur neJohn Dory’s, iRocoMamas nePanarottis, ithe imali engeniswe yizindawo zokudla ezingaphansi kwabanikazi ababizwa ngama-franchisee inyuke ngo-11.5% yaba wu-R10.62 billion. Enye imali engenile ikhuphuke ngo-14.1% yaba wu-R3.47bn.
Ziwu-701 izindawo zale nkampani ezisemazweni awu-15. Ngonyaka odlule zaziwu-639. ENingizimu Afrika ivule izindawo ezintsha eziwu-27, kwathi eziyisishiyagalolunye zavalwa kanti kwamanye amazwe ivule eziwu-11, yavala ezine.


