Singazuza lukhulu eNingizimu Afrika uma singabambisana, kuloba uBusi Mavuso

NGIVAMILE ukubhala ngemizamo yethu yokuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyo; okungaba yizixazululo zenkinga kagesi noma ukubhekana nezinselelo esinazo ngezokuthutha.

Kepha okunye okubalulekile ohlelweni lethu kuthinta indlela omasipala bethu abahlinzeka ngayo izidingo kubantu baseNingizimu Afrika.

Ngesonto elidlule ngibonile ukuthi sizuza okuningi kanjani uma osomabhizinisi bebambisana kahle nomasipala. Ziningi izindaba esizaziyo ngokungasebenzi kahle kwengqalasizinda komasipala nokushoda konjiniyela abakwazi ukuyilungisa. Kepha zikhona nezindaba zokuvuselela ingqalasizinda kanti sikubona kuphucula impilo yabantu.

Izingane zethu azikwazi ukuya esikoleni ziloku zicabanga ukuthi kufanele zigweme ukuya endlini encane. Kepha yikho kanye loku okwenzekayo ezweni lonke. Kufanele abantwana benze njalo ngoba izindlu ezincane azisebenzi kahle ezikoleni kanti kwesinye isikhathi ziyingozi.

Emasontweni amabili edlule ngavakashela isikole eMpumalanga Kapa izingane ebezikwazi ukuba khona ihora noma amabili ngosuku ngoba bezingekho izindlu ezincane ezisebenzayo.

Kepha loko sekulungisiwe ngenxa yokubambisana phakathi kosomabhizinisi, omasipala nomNyango wokuBambisana, ukuBusa nobuHoli beNdabuko eMpumalanga Kapa.

Eminyakeni emithathu edlule, iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ne-United States Agency for International Development kade bexhasa uhlelo lokwandisa isibalo sabantu eminyangweni kahulumeni nomasipala abehlukene esifundazweni.

Senze loku ukuze sikwazi ukutshala onjiniyela nongoti bezimali asebethathe umhlalaphansi ukwelekelela ukuphucula indlela okuhlinzekwa izidingo ngayo.

Kuyasiza. Isikole ebengiye kusona sesinezindlu ezincane ezisebenzayo. Izingane sezibuyile esikoleni ngokuphelele.

Lesi ngesinye sezikole eziyisishiyagalombili ezixhaswe yiBLSA. Sezizonke ziwu-90 izikole ezisizwa ngamabhizinisi ahlukene ukulungisa izindlu zazo ezincane.

Kudingeke ukuthi sisebenzisane nomasipala ukuze kusebenze ingqalasizinda yamanzi ukuze ayiswe ezikoleni, okusho ukuthi amanzi ayafika ezikoleni, kubantu nasezinkampanini.

Ngivakashele ne-pump station kumasipala iNelson Mandela Bay esivuseleliwe ngenxa yaloku kubambisana. Loku kwenzeke ngenxa yokubambisana. Uhlelo lokwandisa isibalo sabantu abasebenzayo siholwa yiNational Business Initiative neTechnical Assistance Mentorship & Development (iTamdev).

Lolu hlelo lusebenzisa abantu asebethathe umhlalaphansi ukuthi balungise ingqalasizinda kodwa okubaluleke kakhulu wukuqinisekisa ukuthi badlulisela amakhono abo konjiniyela abaqashwe ngokugcwele, okuyibona abazobhekana nomsebenzi wokunakekela nokuthuthukisa.

Ngihlangane nezisebenzi ezincane zikamasipala ezicathuliswa ngasebethathe umhlalaphansi, ezithola amakhono nokuzethemba ngenxa yalolu hlelo. Loku kwenza ukuthi sazi ukuthi sinesixazululo esiwunomphelo, hhayi ukungenelela kwesikhashana ukulungisa izinkinga.

Lolu hlelo lusebenzisana nolunye uhlelo lukahulumeni i-Expanded Public Works Programme ukuze izisebenzi zisebenzisane nabazolekelela zizothola amakhono. Abanye babo sebezisungulele amabhizinisi.

Kuyajabulisa ukubona ingqalasizinda isebenza. Ngesikhathi ngihambele lesi sikole ngesonto elidlule, ngibonile ukuthi uma sisebenzisana singalungisa izinselelo ezinkulu.

Yonke indawo kukhona abantu abazikhandlayo. Engikubone ngesonto elidlule bekungeke kwenzeke ngaphandle kwemizamo yabantu besifundazwe, omasipala nothishomkhulu wesikole. Kukhona amaqhawe angempela angakaqhanjiswa.

Abantu laba abangaphumuli besebenza ezimweni ezinzima ukuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bayasizakala. I-Tamdev iyakwazi ukusiza ukuxazulula izinselelo ezikhona.

Kungijabulisile engikubonile. Nakuba kubonakala sengathi kuncane kodwa kutshengisile ukuthi singenza umehluko ongakanani ezimpilweni zabantu uma sibambisene.

Ngiwushayela izandla uhulumeni waseMpumalanga Kapa nezikhulu zomasipala ezilekelelile ukuze kuphumelele loku. Kukhombisa ukuthi singazuzani siyizwe.

  • UNksz uMavuso yisikhulu esiphezulu seBLSA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page