Namhlanje KUSAZIWAYO NEMALI sikuphathele intandokazi yomrepha, uDuncan ‘Skuva Maguluva’ Mbambo odume ngamanoni athi Ring of Lies, Tsikitsiki Remix ne-AmaWeave. U-Duncan useke wahlabana ngezindondo eziningi, enye yazo yeBest Remix ayithola kumaMetro FM Awards ngeTsiki Tsiki

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, kodwa ngangiyithola uma kade ngikhalela umama uma ehamba noma (ngikhumuke) izinyo bese ethi ugogo angilibeke esicathulweni igundane lizongipha imali.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Angisakhumbuli kahle. Ngiyacabanga ukuthi ngayivula eNedbank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
(Wukuthi) imali ibalulekile
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Angisakhumbuli kahle kodwa ngangihola imali encane ngoba ngangenza amatoho, ngithola uR1 500.
Wawenzani umholo wokuqala?
Angisakhumbuli kodwa nginesiqiniseko sokuthi ngaqala ngashiya imali ekhaya, ngathenga mhlawumbe isikibha, enye ngayidla nabangani senza izinto ezenziwa yintsha.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ngalungisa ekhaya. Kumanje ngakhela ugogo umuzi. Awukapheli kodwa yinto engiyikhombayo; kuyangijabulisa loko.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Maningi kakhulu. Imali nje ibuye idleke ungaqondile.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ‘ebhanoyini’?
Cha, angikaze nomndeni wami ngawuvala. Kwesinye isikhathi kubuye kuhaleleke kodwa uma sengithi ngiyangena ngithole ukuthi seliphahlakile ‘ibhanoyi’. Into nje engiyenzayo wukubheja kuBetway ngoba ibhola ngisuke ngilibuka futhi uma ngidliwe ngiyazibonela.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Kubalulekile ukuthi imali uyithande ngoba nayo izokuthanda, uyiphathe kahle futhi. Uma umuntu eboleka imali kuwe ungamniki ukhononda ngoba iyabaleka. Uma ungeke ukwazi ukumboleka ikhona, mtshele ukuthi izokwenza okunye.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Angazi ngingenzani, uyabona abantu abawina izizumbulu zemali yilaba abasuke bengayilungiselele.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Uma uphuma ekhaya elingekho lihle, qala ulungise khona. Buza ukuthi yini eshodayo ekhaya. Kuhle ukuqala ngekhaya ngaphambi kokuzibheka wena.
