Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthi i-Ubank isingaphansi komlawuli

Izithombe: wuGoogle

Inyunyana ishaya amakhala ngesinqumo seBhange loMbuso nge-Ubank. USLINDILE KHANYILE uyabika

I-NATIONAL Union of Mineworkers (iNUM), engabanye babanikazi be-Ubank, ithi isinqumo seBhange loMbuso sokufaka leli bhange ngaphansi komlawuli yiqhinga lokuphoqa ukuthi  ivume ukuthengwa yi-African Bank, nethi ifuna ukukhokha “utiki” owuR100 million ukulithenga lonke leli bhange.

Izolo uMphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe i-Ubank kufanele ibe ngaphansi komlawuli ngoba abaphathi bayo bahlulekile wukuqikelela ukuthi kunemali eyanele ukuvikela imali yamakhasimende ayo.

Unobhala-jikelele weNUM uMnu uWilliam Mabapa uthi sibashaqisile isimemezelo seBhange loMbuso ngoba kade benemihlangano kwaze kwaba yiSonto futhi bese bebatholile abantu abebezotshala imali ukutakula i-Ubank.

“I-Access Bank ibisishilo ukuthi izofaka uR800m kanti iBhange loMbuso liyakwazi loko. Ize yasho nokuthi ingayikhuphula le mali ibe wuR1 billion. Sixoxile ngisho nanongqongqoshe simazisa kanti uthe uma kunjalo, ayikho inkinga.

“Emasontweni amabili le mali (obekufanele bayifake) ibiwuR300m kodwa ngoLwesihlanu bese kuwuR500m. Kepha izolo (ngeSonto) kushintsile kwathiwa kufanele kuphele usuku sesihlanganise uR800m, nesikwenzile. IBhange loMbuso belithe kuzofanele i-Access Bank ilethe incwadi izibophezela kuloku lingakashoni elakusasa(namhlanje).

“Iyasolisa yonke le nto indlela eyenzeka ngayo. Elinye ibhange ebelifuna ukufaka imali yi-African Bank. Uzokhumbula ukuthi iBhange loMbuso linamasheya awu-50% kwi-African Bank, ibifuna ukusithenga ngoR100m,” kusho uMabapa.

UMnu uMabapa, unobhala-jikelele weNUM

Ngokwe-website yayo, i-Access Bank ingelinye lamabhange amakhulu e-Afrika njengoba inamakhasimende angaphezu kuka-40m ezwekazini, e-United Arab Emirates, e-UK. Ikomkhulu layo liseNigeria kanti eNingizimu Afrika ithenge iGrobank, nesibizwa nge-Access Bank South Africa, ngo-2020.

Isikhulu esiphezulu se-Access Bank South Africa uNkk uSugendhree Reddy sithe banezinhlelo zokukhula eNingizimu Afrika kanti loku bazokwenza ngezindlela ezihlukene njengokuthenga amanye amabhange nangokuhlanganyela namanye.

UNkk uReddy uthe bazimisele ukubonisana nabo bonke abathintekayo odabeni lwe-Ubank ukuqinisekisa ukuthi imali yamakhasimende ivikelekile nokuthi leli bhange “lithole ikhaya lapho lingakhula khona”.

Libuzwa ngalezi zinsolo iBhange loMbuso, lithe asikho esinye isizathu esilenze lathatha lesi sinqumo ngaphandle kwalezi elizibekile. UKganyago ubethe ngokuvamile baqoka umlawuli uma ibhange liphelelwe yimali kodwa kulokhu akunjalo.

Uthe imali isekhona futhi isangena kodwa ayanele ukugada ngokuphelele imali yamakhasimende njengoba ingaphansi kakhulu kwesikali esibekwe wumthetho. “I-net asset value (inani lempahla uma kususwa izikweletu) yayo iwuR208m, kufanele ngabe okungenani iwuR250m. Kufanele ingabi ngaphansi kuka-20% (wenani layo yonke into enkampanini) kodwa lapha isiyehle yaze yafinyelela ku-3%. Lena yiyona ndlela esiyisebenzisayo ukuvikela imali yamakhasimende.

“Eminyakeni embalwa edlule iPrudential Authority iyiqinisile indlela egada ngayo i-Ubank ngenxa yokuthi ikhathazekile ngendlela okuphethwe ngayo, ukuxega kwendlela okulawulwa ngayo izinto nokudonsa kwesikhathi osekusithathile ukuthola enye imali ukuze (okokuqala) kuzohambisana nomthetho ngemali okufanele ibe khona (okwesibili) ukushintsha indlela ibhange elisebenza ngayo (okwesithathu) ukuqinisekisa ikusasa lebhange,” kusho uKganyago.

I-Ubank esingaphansi komlawuli

Loku kwenziwe kulandelwa umthetho olawula imboni yezimali, i-Financial Sector Regulation Act 9 of 2017. UKganyago uthe besekuphele iminyaka emibili kuzanywa ukuthi kutholakale abanye abantu abazothenga amasheya kuleli bhange kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

Uthe ziningi izinkinga ezikhona kuleli bhange njengoba ethe nesikhulu esiphezulu wumuntu obambile.

Ephawula ngomsuka wezinkinga zabo, uMabapa uthe: “Iqiniso wukuthi asazi thina ngamabhange futhi kuqashwe nabantu abangazi lutho. Uma ubheka iCapitec isungulwe emva (kwethu) kodwa isisidlulile. Akuzange kunakwe ukukhangiswa kwebhange ukuze lizoba nento elincintisana ngayo. Inzalo engenayo ikhokhela izindleko zemiholo ukuphatha nezinye izinto.”

Leli bhange elinama-akhawunti awu-4.7m selizolawulwa wuMnu uZola Beseti, umqondisi weKPMG South Africa.

UKganyago uthe leli bhange lizoqhubeka nokusebenza ngokujwayelekile futhi abantu abanemali khona basazokwazi ukuthola imali yabo. Izinqumo mayelana nokubolekisa ngemali zizothathwa wuBeseti.

Umlawuli we-Ubank uMnu uBeseti

Ngokwe-website ye-Ubank, leli bhange lasungulwa ngenhloso yokusiza izisebenzi zasemayini nemindeni yazo njengoba laqala ngo-1975 libizwa ngeTeba Cash Financial Services. Libe yibhange ngokupheleleyo ngoJuni wonyaka ka-2000 kanti abanikazi bayo kuqhubekile kwaba yi-trust elawulwa ngabaqokwe yiNUM neSouth African Chamber of Mines (esibizwa ngeMinerals Council South Africa). Igama elithi Ubank liqale ukusebenza ngo-Okthoba wango-2010.

I-Minerals Council South Africa inqabile ukuphawula, yathi akukhulunywe neBhange loMbuso.

Abanye babantu abasebenzisana ne-Ubank yiMTN ngohlelo lokuthumela imali kusetshenziswa iselula iMoMo. Izolo le nkampani yezokuxhumana ithe iyaxoxisana nabo bonke abathintekayo. Ithe njengoba neBhange loMbuso lishilo ukuthi lisasebenza, yonke into ngeMoMo iyaqhubeka njengokujwayelekile.

Umlando omfushane ngoBeseti:

  • Uneminyaka ewu-22 esebenza;
  • Iminyaka eyisishiyagalolunye uyisebenze ophikweni lwe-Technical Accounting eKPMG;
  • Usebenze emibili e-University of Fort Hare;
  • Usebenze iminyaka ewu-11 ewumcwaningimabhuku;
  • Uqokelwe kwiBhodi yeKPMG South Africa ngo-2017;
  • Une-MCom kwi-International Accounting yase-University of Johannesburg;
  • Une-Postgraduate Diploma in Accounting yase-University of Natal (osekuyi-UKZN);
  • Une-Postgraduate Diploma in Management (Financial Accounting) yase-University of Cape Town;
  • Une-BCom Accounting yase-University of Western Cape.
  • Amanye amakhasimende aseke acwaninga amabhuku awo yi-Old Mutual; Coronation Fund Managers neTaquanta Investment Holdings neTaquanta Asset Managers.
  • Wayesethimbeni elaqokwa ukulawula iNestlife Assurance ngo2020.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page