Ukushayela uphuzile kungenza umshwalense ungakhokhi  

UMPHATHI woPhiko lwemiShwalense ehhovisi lomxazululi wezinkinga zezikhungo zemali iNational Financial Ombud Scheme of South Africa uNkk u-Edite Teixeira-Mckinon ululeka abashayeli ukuthi bangashayeli bephuzile ngala maholidi ngoba umshwalense wabo wezimoto ngeke ubakhokhele.

Umasipala uzobambisana nezinhlaka ezihlukene ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu 

EMIZAMWENI yokuqinisekisa ukuthi ukuguquguquka kwesimo sezulu akudali umonakalo wezigidigidi, uMasipala waseThekwini uzosebenzisana nezinhlaka ezihlukene ukuza nezisombululo. 

UMasipala waseTshwane umose uR1.4 billion – umcwaningimabhuku-jikelele

PHEZU kwemizamo emihle yemeya kaMasipala waseTshwane uNksz uNasiphi Moyo yokuletha uguquko oluhle kulo masipala kodwa kulo nyaka wezimali umasipala uthole umbiko womcwaningimabhuku-jikelele omubi okhombisa ukuthi imali iyamoseka. 

UMasipala waseThekwini umi ngomumo ukumukela izivakashi ngamaholidi 

KULINDELWE izivakashi eziwu-1.3 million ngala maholidi eThekwini. Lezi zindaba zimenyezelwe ngenkathi kuthulwa ngokusemthethweni izinhlelo zamaholidi asehlobo ngoLwesihlanu eWahooz e-uShaka Marine, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Umqondisi wokuShushisa omusha kufanele alethe ithemba emphakathini nasemabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

KUNESINQUMO esibalulekile esizothinta imboni yamabhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo. Umengameli uqoke ikomiti okufanele likhethe umqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi omusha. 

UMagashula uzokhunjulwa ngokuthanda izwe nabantu abampofu – uRamaphosa 

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthi  owowayewukhomishana womqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Oupa Magashula, oshonile, uzokhunjulwa ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.

Amabhizinisi amancane abonga ukukhanya okulethwa wukunqamuka

NJENGOBA ukucima kukagesi obekukhungethe iNingizimu Afrika sekuthanda ukuphela ngenxa yezinguquko ezinhle ezenzeka e-Eskom, amabhizinisi amancane, nawumgogodla womnotho, abuyelwa yithemba nomfutho.

Izivakashi eziza eKZN zizongenisa uR13 billion ngamaholidi kaDisemba

UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi balindele izivakashi eziphakathi kuka-1 million no-1.1m ezivela kwezinye izifundazwe zaseNingizimu Afrika neziwu-34 000 ezivela kwamanye amazwe ngala maholidi kaDisemba.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page