Kukhala isicathulo sembokodo kwesinye seziqiwi ezinkulu ezweni emkhakheni abantu besifazane abayivelakancane kuwona. Umphathi wesiqiwu uxoxe noLUCAS LEDWABA

KWATHI ngobunye ubusuku behamba beqapha isimo eKruger National Park njengenjwayelo, yena nabalingani bakhe bazithela phezu komhlambi wezindlovu zikhwelana.
Ngeshwa izindlovu zezwa iphunga labantu, zaqonda ngqo kubona ngejubane. Kwathi uma ebona ithimba lamadoda amnkantshubomvu endimeni ethi galo yephuka, naye waqaqa ngejubane.
UNksz uTinyiko Golele, waseM’tititi Village, eLimpopo, namuhla usewumphathi weShingwedzi eKruger National Park eMpumalanga. Lesi sigameko senzeka kunguye yedwa isisebenzi sesifazane ngalobo busuku futhi kwakuwuyena kuphela owayengenawo amava omsebenzi kubona.
Ukhumbule lesi sigameko esamvula amehlo ngokusebenza esiqiwini. “Ngacabanga ukuthi kungcono ngime nje ngingenzi lutho njengokusho kwendlela esiqeqeshwe ngayo uma sifundiswa lo msebenzi. Kepha kwathi sengibona umphathi imbala naye ekha phansi ngejubane, nami ngathi nyawo zami ngibelethe,” kukhumbula yena.
Uthi ekhula emakhaya eduze nesiqiwi wayengazi ukuthi kwenzekani ngale kothango lwaso, kuphela nje wayevame ukuzwa umsindo wezilwane zasendle ezahlukene, kwesinye isikhathi obekwenza zeqe ziceleke phansi emasimini, zibulale nemfuyo.

Ukukhula kwakhe ngesikhathi lapho abantu abamnyama abebevumeleke khona ukuya eziqiwini njengezisebenzi kuphela, futhi kungabesilisa imvamisa, kwenza wafunga wagomela ukuthi ngelinye ilanga ufuna ukufana nabo, naye agcine esesebenza khona.
“Ngangineminyaka ewu-12 ngenkathi ngizibophezela ukuthi ngifuna ukwenza ushintsho emphakathini kodwa ngazibuza ukuthi ngizokwenza kanjani loko ngingenanto esandleni? Ngaziphendula ngokuthi kumele ngigxile emfundweni ukuze ngifeze iphupho lami,” kulanda uNksz uGolele.
Uneziqu i-BSc in Environmental Management zase-University of South Africa. Uqede lapho wenza izifundo zomthetho kodwa wazishiya phakathi, kanti manje wenza iziqu ze-African Leadership e-University of Rwanda.
UNksz uGolele ugcine elifeza ngempela iphupho lakhe leminyaka elaqala efuna ukwazi ukuthi kwenzekani esiqiwini. Manje usengomunye wabesifazane abagila izimanga kulo mkhakha njengoba esewumphathi wesiqiwi.
Umsebenzi wakhe wukuphatha ithimba labaqapha isiqiwi ngemoto nsuku zonke, aqinisekise ukuphepha esiqiwini, abhekelele nokuthi zonke izivakashi eziza khona ziphatheka kahle zize zihambe.

Ngaphambi kwaloko uke waba yithwasa eSanparks, waqeqeshwa nakwezinye izindawo. Uzichaze njengomuntu onamahloni, othanda umndeni kanti manje uwumama wezingane ezintathu.
Uthi uhlela ukuqala inhlangano ezosiza abantu besifazane, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya bafeze amaphupho abo.
“Ngifuna ukukhuthaza abantu bafeze amaphupho abo, ikakhulukazi abesifazane. Kumele bazi ukuthi ukulandela amaphupho abo kuzokwenza bafeze konke abakufunayo. Loko ngizokwenzela nokuthi isikhathi esiningi sivame ukwenza abantu badikibale ngokungabakhuthazi ukufeza amaphupho abo,” kusho yena.
Ukhala ngokuguquguka kwesimo sezulu athi kunomphumela omubi kwimvelo, wexwayisa ngokuthi uma kungasukunyelwa ukuzama ukulungisa lesi simo, izinto zizokonakala kakhulu kuneziyikona manje.
UNksz uGolele uxwayisa abantu ukuthi bayeke ukwenza izinto ezilimaza imvelo nezilwane.
“Singama-Afrika kumele senze isiqiniseko sokuthi siphatha kahle loku okuncane esinako,” kunxusa yena.
Uthi kumele kuqine umthetho wokuvikela imvelo ezweni, waphakamisa nokuthi kufundiswe umphakathi ngokubalukeka kwemvelo ukuze iNingizimu Afrika iqhubeke ibe ngelinye lamazwe agcina amagugu emhlabeni.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.mukurukurumedia.co.za

