Ukungaboni emehlweni akumvimbi ukwakha amabhilidi
WUTHOBILE ZWANE
ZONKE izinsuku ngo-4:30 ekuseni, ngaphambi kokungena kwezingcingo zamakhasimende, aye ezindaweni zokusebenza, kuqale isiphithiphithi somsebenzi, usomabhizinisi waseGoli ongaboni emehlweni uvuka aye ejimini. Ngemva kwaloko ungena ehhovisi lakhe azindle.
UMnu uBulelani Mnqanyana, oneminyaka ewu-43, uthi kwabanye abantu ukuvala amehlo ngesikhathi sokuzindla yindlela yokuphumuza umqondo kodwa kumsunguli weSimanyene Construction ukuzindla sekuyindlela yokuqala impilo kabusha. Unesitifiketi se-carpentry asithola eChamdor Training Centre eKagiso, entshonalanga yeGoli.
ISimanyene Construction yinkampani yokwakha eyenza imisebenzi ehlukene okubalwa kuyo ukudweba, ukwakha, ukuthutha izimpahla nemisebenzi ethinta u-asbestos eyasungulwa ngo-2016.
“Bathi uma wenza i-meditation (ukuzindla) uvala amehlo. Mina amehlo ami vele avalekile, yingakho kulula kimi,” kusho le nsizwa edabuka eQutubeni, eNgcobo, eMpumalanga Kapa.
Ngo-2014 impilo yakhe yashintsha unomphelo. Ngelinye ilanga egodukisa abantu, wahlaselwa yizigebengu zafuna ukhiye wemoto.
“Ngalahla izikhiye ukuze bangazitholi. Lapho bavele bathukuthela khona bangishaya ngezinduku ngaze ngaquleka,” kukhumbula yena.
Uthe waphaphama engasaboni. “Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi ngisazophinda ngibone ngoba kwakuyinto engangingayilindele. Kodwa odokotela bangitshela ukuthi imithambo yavaleka ngenxa yokulimala ekhanda,” kusho uMnqanyana.
Uthi ukungaboni kwakhe kwamshiya nemibuzo eminingi. “Into eyayinzima kakhulu kwakuwukucabanga ukuthi ngizokondla umndeni kanjani futhi ngiqhubeke kanjani nebhizinisi.”
Kunokuthi adikibale, wavuka wazithatha. “Kwathi ngesikhathi amehlo ami engasakwazi ukungihola kodwa ngangazi engangifisa ukuphokophela ukukwenza,” kusho yena.

Izisebenzi zeSimanyene Construction zimatasa nophahla
Nakuba engasaboni, uMnqanyana uthi usaya ezindaweni zokusebenza kanti abantu bayamangala uma bembona esebenza embonini yokwakha. “Bayabuza ukuthi ngiyenza kanjani le nto yokwakha ngingasaboni. Ngibatshele ukuthi angiwadingi amehlo, ngidinga umqondo,” kusho uMnqanyana.
Uthi wabona ukuthi abantu abakhubazekile bavame ukubukwa njengabantu abahambe becela emarobhothini noma abalindele izibonelelo zikahulumeni kuphela.
“Ngazitshela ukuthi kufanele ngisukume ngenze umehluko. Ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi ukukhubazeka akusho ukuphela kwempilo,” kusho uMnqanyana.
Isimanyene isinezisebenzi eziwu-26 eziqashwe ngokugcwele, osonkontileka abawu-19 nakuba yena eqala engeyena umuntu owaye ngenayo imali noma izisebenzi eziqashwe ngokugcwele.

Ukufaka imishini yemali ngomunye wemisebenzi eyenziwa yiSimanyene Construction
Uthi ithimba lakhe lithembekile futhi liyawuqonda umbono wakhe futhi liyamseka. “Nginethimba eliqotho. Ngiyakwazi ukuliluleka uma lidinga futhi ngiyakwazi konke okwenzeka endaweni yokusebenza,” kusho yena.
ISimanyene Construction icija abantu abakhubazekile abanye abanye asebengosonkontileka.
“Kunamathuba amaningi abantu abakhubazekile abangawathola kodwa kwesinye isikhathi siyazincisha thina,” kusho yena.
Uthi ukuphumelela kwenkampani yakhe akuzange kwenzeke eyedwa kodwa ubonga umkakhe nomndeni wakhe ngokumeseka.
Nakuba umsebenzi wakhe unengcindezi enkulu, uthi uhlale ezama ukuseka izisebenzi zakhe. “Ngiyabazi ubunzima ababhekana nabo nsuku zonke.”
Kubantu abafisa ukusungula ibhizinisi, uMnqanyana uthe kubalulekile ukusebenza ngokuzikhandla nokungawuthathi kancane umsebenzi.
“Thanda okwenzayo, ungabinomhobholo kanti uma ikhasimende lingajabule, lungisa inkinga ngokushesha,” kusho yena.
Ufisa ukuvula izinkampani ezinhlanu ezizogxila ekucijeni abantu abakhubazekile ngamakhono ukuze bakwazi ukuzimela.
Facebook: Simanyene Construction and Projects
Instagram: @simanyene_construction

