Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa kuleli sonto zikhombisa ukuthi ukunyuka kwamanani kaphethroli kwenza amandla emali antenge. Isithombe: Sithunyelwe

Imalimboleko namanani ezimpahla kuzonyuka – izingqapheli

WUBONISWA MOHALE

KUSAZOSHUBA eNingizimu Afrika njengoba osomnotho bebikezela ukuthi imalimboleko izonyuka ngo-25 basis points kule nyanga.

Loku kulandela ukuthi iStatistics South Africa (iStats SA) imemezele ukuthi amanani kaphethroli aloku enyuka aholele ekutheni inkomba yamandla email, phecelezi i-consumer price index , anyuke afinyelela ku-4.0% ngo-Ephreli esuka ku-3.1% ngoMashi.

Ngokusho komqondisi wocwaningo lwamanani eStats SA uMnu uPatrick Kelly, amanani kaphethroli akhuphuke ngo-18,2% ngo-Ephreli, okunyuse amandla emali.

Uthe bagcina ngo-2008 ukubona amandla emali ewu-4% njengoba ayewu-4.1% ngaloya nyaka. “Ilitha kaphethroli i-93 octane ikhuphuke yawuR23,25 ngo-Ephreli, isuka kuR20,19 ngoMashi. Abahamba ngezimoto zikadizili kuzwele kakhulu kubona kwazise ilitha yawo ibisiwuR28,80 ngo-Epheli ekubeni yayiwuR21,28 ngoMashi,” kusho yena.

Yize amanani kaphethroli enyukile kodwa awokudla naweziphuzo ezingenatshwala ehle okwesithathu esuka ku-3,6% ngoMashi awu-2,9% ngo-Ephreli. Wenze isibonelo ngenyama wathi amanani ayo ehle esuka ku-11,6% awu-9,4%. Amanani enyama ebomvu ehle esuka ku-22,6% awu-8,7%, kwathi awengulube asuka ku-19,5% aya ku-17,7%.

FUNDA NALAPHA: Amanani kaphethroli azonyusa amandla emali – izingqapheli

Ama-cereal ehlile inyanga yesithathu kanti uKelly uthi ashibhile uma kuqhathaniswa amanani alo nyaka nawonyaka odlule. Okunye ukudla okwehlile yimpuphu, i-rice noflawa.

Ubisi namaqanda kukhuphuke ngo-0,1% ngo-Ephreli, kunyuke nezindleko zomshwalense njengoba kukhuphuke eze-medical aid ezinyuke ngo-1,8% uma kuqhathaniswa inyanga nenyanga neminye imishwalense ekhuphuke ngo-1,3%.

Usomnotho waseFNB uNksz uKoketso Mano uthe bebengalindele ukuthi amandla emali afinyelele ku-4% ngoba bebewabona efinyelela ku-3.8%. Ufakazele ukuthi ukukhuphuka kwamanani kaphethroli konomphumela omubi emandleni emali.

Uma ebheka izibalo zezinyanga ezizayo, uthe balindele ukuthi ngoMeyi amandla emali akhuphuke ngo-4,6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngenxa yamanani aphezulu kaphethroli anyusa nawokuthutha izimpahla.

Uthe: “Njengoba ezinye izitolo zithenge kakhulu ukudla okudingekayo loku kuzokwehlisa umthwalo wokunyuka kwamanani egrosa kodwa uma sekuphela azobonakala ekhuphuka nawo. Kusazosinda kubashayeli nabathengi ngoba intela kaphethroli nodizili izoncipha ezinyangeni ezizayo. Ngibona ukuthi iBhange lomBuso lizonyusa imalimboleko ngo-25 basis points.”

Usomnotho ozimele uMnu uJohn Loos uthe imalimboleko izonyuka ngo-25 basis points ngenxa yokuthi iBhange lomBuso lizobe lizama ukumelana nokukhuphuka kwamandla emali.

Uthe impi eseMiddle East, ukukhuphuka kwamanani kagesi, awamanzi nezinye izidingo ezikhokhelwa komasipala kuzothwalisa abantu kanzima.

Inhloko ye-Macroeconomic Research eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman nayo ithe amanani kaphethroli akhuphule amandla emali futhi sezinyukile izindleko zokugibela nezokuthutha izimpahla. Uthe ulindele ukuthi nemalimboleko inyuke.

Khonamanjalo, amanani okuthenga izimpahla anyuke ngo-2,6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoMashi esuka ku-1.6% ngoFebhuwari.

Uma kubhekwa izibalo zenyanga nenyanga izibalo zokuthenga izimpahla zinyuke kancane ngo-0,1% ngoMashi ngemva kokwehla ngo-1,1% ngoFebhuwari. Loku kuholele ekutheni izibalo zokuthenga izimpahla ngekota yokuqala zingabi zihle. Lezi zihlanganiswe ingakaqali impi eseMiddle East.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page