Intsha yaseNtuzuma namaphethelo engasebenzi eqale uhlelo lwezinyanga ezintathu lokuqeqeshelwa amakhono omsebenzi esikhungweni sikamasipala i-eThekwini Municipal Academy: Sithunyelwe

Intsha eyikhulu izoqeqeshelwa amakhono omsebenzi wengqalasizinda

INTATHELI KAMASIPALA

UMASIPALA waseThekwini uthathe izinyathelo ezinqala zokuqeqesha intsha ngamakhono azoshintsha impilo yentsha. Izolo intsha engasebenzi ewu-100 yaseNtuzuma namaphethelo iqale uhlelo lwezinyanga ezintathu lokuqeqeshelwa amakhono eThekwini Municipal Academy. 

Kulokhu kuqeqeshwa kukhona ukwenza amanzi, ugesi, ukubeka isitini nokufaka ama-tiles emisebenzini eqhubekayo endaweni okubalwa eNtuzuma Mall, KwaNozaza Node Hub, ukwakha izindlu neminye imisebenzi yokuphucula ingqalasizinda.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/14/ukuqeqesha-osomabhizinisi-abancane-embonini-yegesi-kudala-imisebenzi/ 

Intsha ekulolu hlelo izothola amakhono ngokwenza umsebenzi bese kuthi uma isiqede ukuqeqeshwa bese ingena ezikhaleni zokwenza le misebenzi futhi ikwazi nokuqala amabhizinisi okuziphilisa.

Ikhansela likaWadi 42 uMnu uFisokuhle Mngadi uluncomile lolu hlelo. “Lolu hlelo luqinisekisa ukuthi intsha yendawo ikwazi ukuthola amathuba endaweni esikhundleni sokuthi kulandwe abantu bakwezinye izindawo. Wuhlelo olubambekayo lokuqeqesha nokufukula umphakathi,” kusho yena.

Lolu hlelo lwandisa amakhono omsebenzi, okuphuthumisa ukuletha izidingo nokuthi amathuba omnotho ahlale emphakathini.  

Omunye wentsha ebambe iqhaza kulolu hlelo uNksz uNokwanda Mazibuko, intokazi ekhethe ukungena emkhakheni okukhomba amadoda kuyona ukufaka ama-tiles, uthe lolu hlelo “luzoshintsha impilo”.

“Lolu hlelo lunginika ikhono eliphathekayo, ikusasa nethuba lokufukula umndeni wami nomphakathi.”

Umasipala ubambisene nabakhi nabanikazi bezitolo ukuthi baqashe le ntsha uma isiqeqeshiwe ukuqinisekisa ukuthi la makhono yinto ekwazi ukuziphilisa ngayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page