Abalimi nabantu abadayisa izinkomo esidlangalaleni banxuswa ukuthi balandele izinhlelo zokuphepha ezizonqanda ukubhebhetheka kwamatele. Isithombe: Sithunyelwe

Kwethulwe uhlelo lweminyaka eyishumi lokunqanda amatele

WUTHOBILE ZWANE 

UKUBHEBHETHEKA kwamatele ezifundeni ezihlukene zaseNingizimu Afrika sekwenze ukuthi umNyango wezoLimo ezweni uqinise izinhlelo zokugoma imfuyo. 

Kusukela ngesonto elidlule ungqongqoshe womNyango wezoLimo ezweni uMnu uJohn Steenhuisen uthe wenza imizamo yokuthi amatele athathwe njengenhlekelele ukuze kubenemali eningi yokuwaqeda.

Uthi iNingizimu Afrika ike yawanqoba amatele futhi akangabazi ukuthi uma kulandelwa imithetho iNingizimu Afrika ingakwazi ukuwaqeda njengoba ayengasaqubuki njalo ngaphambi kwango-2019. 

“Sinezinhlelo zeminyaka eyishumi ezizoqinisekisa ukuthi zonke izinkomo zigonyiwe ukuze zikwazi ukungabisengcupheni yokugula ngenxa yamatele. Loku kuzodinga imali eningi, ngakho sifuna lesi sifo esenza inyama ebomvu ibize futhi ingadayiseki kwamanye amazwe sibekwe sesigabeni senhlekelele ezweni ukuze sizothola le mali,” kusho yena.

Unxuse abalimi nabadayisi bemfuyo esidlangalaleni ukuthi balandele imithetho yokuphepha ngesikhathi beyihambisa ezindaweni ezihlukene. Abalimi abaseduze neziqiwi ubanxuse ukuthi baqaphele ukuthi izinkomo azidli lapho kudla izinyathi khona ukuze zingatheleleki ngamatele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/01/13/uhulumeni-uzokwehlisa-ukubheduka-kwamatele-ngo-70-ungqongqoshe/

U-Steenhuisen uthe basebenzisana namaphoyisa futhi bazobiza namasosha namaphoyisa omgwaqwo omasipala abahlukene ukuqinisekisa ukuthi ukuhamba kwezinkomo kuyalawuleka. 

Inhloko yethimba eliluleka ungqongqoshe ngezifo zezilwane nokuzilawula uDkt u-Emily Mogajane ithe izinhlelo zokunqanda amatele zizohlukaniseka izigaba ezine ezizosebenza eminyakeni eyishumi ezayo.

“Isigaba sokuqala esokugoma esesiqalile esizothatha iminyaka emibili. Izinkomo zizojova, kulawuleke ukuhamba kwazo, ziqashelwe futhi kunyuke nezinga lokuthi sizikhiqizele imijovo yokuqeda amatele,” kusho yena. 

Lesi sigaba sizogxila kakhulu KwaZulu-Natali, eGauteng naseNorth West, lapho kufanele kuthi kuphela lo nyaka izinkomo eziwu-u-90% zibe sezigonyiwe.

Isigaba sesibili sizokwenza ukuthi kubenezizinda zokunqanda ukutheleleka kwezinkomo ngamatele ezindaweni ezisengcupheni yokubhebhetheka kwalesi sifo. Sizokwenzeka ngonyaka wesibili kuya kowesine wezinhlelo zeminyaka eyishumi. 

Esesithathu sizoqala ngonyaka wesine kuya kowesikhombisa, lapho kuzobe sekuma ukujova izinkomo ezindaweni ezingasenamatele.

Isigaba sokugcina sizokwenzeka kusukela onyakeni wesikhombisa kuze kube oweshumi, lapho iNingizimu Afrika ifuna ukuthi iWorld Organisation for Animal Health iyimemezele njengezwe elingenamatele. 

Ongqongqoshe beminyango yezolimo kuzo zonke izifundazwe zezwe bazamukele lezi zinhlelo kanti owaseKZN uthe bazozimezezela maduze izinhlelo zokugoma.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page