Ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau uthakasela ukulula kweMelika i-African Growth and Opportunity Act. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ijabulela ukululwa kwesivumelwano sohwebo neMelika 

YINTATHELI YOMBELE

KUZOSIZA iNingizimu Afrika ukululwa kwesivumelwano sohwebo esivuna i-Afrika, i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa). 

Usho kanje esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngoLwesine ungqongqoshe womNyango wezoHwebo iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau .

I-Agoa yaqala ukusiza amazwe ase-Afrika adayisa izimpahla eMelika ngo-2000 ngesikhathi isayinwa. 

UTau uthe bayakuthakasela ukuthi iphalamende laseMelika livotele ukuthi ilulwe i-Agoa ngoba loku kusho ukuthi izimpahla eziningi zamazwe ayingxenye yayo aziyikhokhi intela uma ziyodayisa khona. 

“Ukululwa kwe-Agoa kuzolekelela ne-Africa Continental Free Trade Area kuseke namabhizinisi aseMelika athenga imikhiqizo ethile e-Afrika. Kuzoqinisekisa amabhizinisi ase-Afrika nawaseMelika ahwebelenayo ukuthi ngeke kuloku kubenoshintsho ezintweni ezithile ezithinta uhwebo,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/08/ukuphela-kwe-agoa-yithuba-lokuqala-kabusha-eningizimu-afrika-kuloba-ubusi-mavuso/

Ubalule ukuthi iMelika ibalulekile njengoba uhwebo phakathi kwayo neNingizimu Afrika lulinganiselwa ku$15 billion (uR244bn). Uthe lusiza ukudala imisebenzi nokukhulisa umnotho waseNingizimu Afrika njengoba izimboni ezihlukene zidayisa izimpahla eMelika. 

Uphethe ngokuthi bayaqhubeka nokuxoxisana neMelika ngodaba lwentela yezimpahla ezithile eqale ukunyuka ngonyaka odlule. 

I-Durban Chamber of Commerce and Industry isithakasele lesi sinqumo sokululwa kwe-AGOA isho ukuthi izosiza osomabhizinisi abancane akade bengasakwazi ukumelana nentela ephezulu. 

Esitatimendeni le nhlangano emele osomabhizinisi eThekwini, ithe: “Lesi sinqumo sizosiza ukunciphisa ukungena kwezimpahla ezishibhile emakethe yakuleli zwe futhi siqinisekise ukuthi amabhizinisi amancane ayakwazi ukuhwebelana neMelika. Sizokwandisa imisebenzi nethemba losomabhizinisi baseNingizimu Afrika. Kuzosiza ukusimamisa izizinda zomnotho namachweba.”

Icele uhulumeni ukuthi abeke ukungaboni ngasolinye neMelika ukuqinisekisa ukuthi umnotho wakuleli zwe uyasimama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page