UNksz uYolanda Tlale, umsunguli weYoli's Moringa Peanut Butter, yaseWelkom, eFree State. Izithombe: Zithunyelwe.

Onamaqhinga ekhishini usenza i-peanut butter emYoli nenempilo

WUTHOBILE ZWANE

INTOKAZI yaseWelkom, eFree State, owayefuna indlela yemvelo yokwakha umzimba yathola ikhambi elilula nelinomsoco yagcina yenze ibhizinisi.

UNksz uYolanda Tlale wasungula iYoli’s Moringa Peanut Butter, i-peanut butter ngesakhamzimba esinempilo imoringa. Lo mkhiqizo ubiza uR65 u-250ml.

Uthi into eyamkhuthaza ukuthi aqale ibhizinisi wukuthi wayenokhwantalala ngenxa yesimo ayekusona. Wayefuna ukuthola ukudla okunempilo okuzobuyisa namandla njengoba ayehlale ekhathele.

“Ngase ngifinyelele esikhathini lapho ngibona khona ukuthi kufanele nginakekele impilo yami. Imoringa yayiloku ivela ocwaningweni lwami abantu bekhuluma ngokulapha kwayo, umsoco enawo nokuthi ivuselela amasosha omzimba. Ngaqala ukuyisebenzisa kanti imiphumela yabamihle kakhulu kodwa inkinga yayiyodwa; kwakuwukunambitheka kwayo,” kukhumbula yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/31/owazifundisa-usekhiqiza-i-peanut-butter-enezithako-zemvelo/

Uthi ukudla imoringa nsuku zonke kwakungelula ngoba yayinganambitheki kamnandi. Kulapho acabanga khona ukuthi kungani engayixubi nento emnandi nedliwa njalo. Wavela kanjalo umqondo wemoringa peanut butter

Uthi wakhulela emndenini lapho amakhambi emvelo nokudla okwenziwa ekhaya kubalulekile. Wayehlale enothando lokuzama izinto ezintsha ekhishini, enza izinguquko ezinempilo ekudleni okudliwa njalo.

“Angiyena umpheki kodwa ngiyakuthanda ukuzama ukwenza izinto ezintsha. Bengifuna okuthile okumnandi futhi okunempilo,” kusho yena. 

Imikhiqizo yeYoli’s Moringa Peanut Butter isilindele amakhasimende 

Uthi eqala ukhumbula iqoqo lokuqala ukuthi lalishube kakhulu, imoringa izwakala kakhulu futhi lingenzekanga kahle. Kwathi ngemva kokulungisa isikali sakhe, umkhiqizo wanambitheka kamnandi.

Uthi waqala ukupha umndeni, omakhelwane nabalingani ukuzwa ngokunambitheka kwayo. Bancoma ubumnandi nezithako zayo ezinempilo futhi bafune impinda.  

Uke wabhekana nezinselelo ebezenza kubenzima ukusungula ibhizinisi. Phakathi kwazo ubalule ukungabi nezinsakusebenza, ukusabalalisa umkhiqizo nokuchazela abantu ngemoringa njengoba babengayazi, ukuchazela izitolo ukuthi zizame umkhiqizo omusha ongajwayelekile nokufundisa amakhasimende ngobuhle bemoringa bekuyinselelo. 

“Bekunzima kakhulu ngoba imikhiqizo yempilo idinga ukukhangiswa nokufundisa amakhasimende ngayo,” kukhumbula uNksz uTlale.

Uthi iYoli’s Moringa Peanut Butter iphumelele ngenxa yokukholelwa emkhiqizweni wayo nomphumela omuhle enawo kubantu. “Ngaqinisekisa ukuthi angiguquki endleleni yami yokukhiqiza. Ngaqhubeka ngiphucula umkhiqizo, ngafunda kakhulu, ngaya emihlanganweni yokucobelelana ngolwazi futhi ngenza isiqiniseko sokuthi umkhiqizo wenziwa ngokucophelela. Ukukhuluma ngalo mkhiqizo ebantwini kube yindlela yami yokuwukhangisa. Ngabona sekungena ama-oda avela ngaphandle kwaseWelkom, okwangikhombisa ukuthi imakethe isilungile,” kusho yena. 

Into emthokozisa ngebhizinisi lakhe uthi: “Imiyalezo engiyithola kumakhasimende. Abantu bangitshela ngokuthi iyishintshe kanjani impilo yabo, ukuthi izisize kanjani izingane zabo ukuthi zidle kangcono. Yiloko okungenza ngiqhubeke; ukwazi ukuthi into engiyenzile isiza umuntu aphile kahle.”

Okwamanje iYoli’s Moringa Peanut Butter inezisebenzi ezimbili eziyitoho ezisiza ngokukhiqiza nokupakisha.

Kwabafisa ukuqala ibhizinisi, uthi bangaqala kancane, baqale lapho bekhona, bathembe umqondo wabo. Uthi izinselelo ziyohlale zikhona kodwa uma umkhiqizo wabo umuhle futhi bewenza ngokuzimisela abantu bazoweseka. Okubaluleke kakhulu uthe ukubekezela ngoba ukukhula kuthatha isikhathi. 

Isifiso sakhe wukudala nokwandisa amathuba omsebenzi entsheni yaseWelkom. Ufuna nokukhulisa ibhizinisi, athule eminye imikhiqizo edliwayo enempilo futhi ezophilisa abantu. 

Facebook: Yolanda Tlale

Instagram: @Yolis_peanut_butter

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page