Usihlalo webhodi yabaqondisi beMTNZakhele Futhi uNkk uSindi Mabaso Koyana, ephakamise ukuthi ukuvuthwa kwamasheya ale nkampani akuhlehliswe ngeminyaka emithathu. Isithombe: Sithunyelwe

Basazolinda abanamasheya eMTNZakhele 

INTATHELI YOMBELE

I-MTN isiphakamise ukuthi isikhathi sokuvuthwa kwamasheya ayo ayedayiselwe abantu ababencishwe amathuba, i-MTNZakhele Futhi (iMTNZF), silulwe ngeminyaka emithathu. 

Le nkampani, eshicilele imiphumela yokusebenza kwayo izolo, ithe esikhundleni sokuthi amasheya eMTNZF avuthwe mhlaka-23 wangoNovemba kulo nyaka, akululwe ngeminyaka emithathu aze avuthwe mhlaka-23 wangoNovemba ngo-2027.

Loku kusho ukuthi esikhundleni sokuvuthwa emva kweminyaka eyisishiyagalombili, asezovuthwa emva kweminyaka ewu-11. Lesi siphakamiso senziwe yibhodi yabaqondisi beMTNZF abanegunya lokukwenza loku uma kuwukuthi yileso isinqumo esizosiza abanalezi zabelo. 

Ngesikhathi la masheya edayiswa ngo-2016, ngokohlelo lokufukula abantu abamnyama ngokomnotho, phecelezi i-Black Economic Empowerment Scheme, kwavunyelwana ngokuthi amasheya akwaMTN azoba wuR128.50 isheya kodwa abantu babezodayiselwa ngo-R102.80 isheya, baphulelwa ngo-20%.  

Nokho izinselelo le nkampani yezokuxhumana ebhekene nazo, okubalwa kuzona ukwehla kwamandla emali yaseNigeria, i-naira ezinyangeni eziwu-14 ezidlule, zisho ukuthi amasheya akwaMTN awu-R84.97 isheya. 

I-MTNZF ikweleta cishe uR620 million abantu abakhokhela la masheya abizwa nge-preference share noR6.1 billion kuMTN kanti le mali ingakhokheka uma inani lesheya ngalinye lizobe selifinyelele kuR88.00 ngesikhathi sokuvuthwa kwamasheya eMTNZF nokungakho ibhodi yabaqondisi leMTN neleMTNZF ebone kungcono ukuthi kululwe isikhathi sokuvuthwa kwawo.

Khonamanjalo iFNB isiqoke uMnu uLa-Cell Mouton, ukuthi abeyi-chief information officer (i-CIO)

U-Mouton ufike kuleli bhange ngonyaka ka-2000 kanti usenze imisebenzi ehlukene eqondene nobuchwepheshe. Ngonyaka ka-2022 waqokwa wabayi-CIO yophiko lwe-Retail ngaphambi kokuqokwa abeyi-CIO ebibambisene noMnu uKevin Mitchell, osenza omunye umsebenzi eFirstRand. 

Uzoqala kulesi sikhundla esisha ngenyanga ezayo.  

  • Imininingwane itholakale kwiJSE naseFNB

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page