Kuyancomeka okuvezwe wumbiko womcwaningimabhuku-jikelele, kuloba uBusi Mavuso

ENYE yezinto eziqinisa uhulumeni wentando yabantu ezweni lethu yizinhlaka ezibizwa ngama-Chapter 9, izinhlaka ezasungulwa ngaphansi komthethosisekelo, ezizimele futhi abangagxambukeli kuzona osopolitiki. 

IHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngenye yalezo zinhlaka kanti umsebenzi walo wokubuyekeza ukuthi uhulumeni uyisebenzisa kanjani imali, enye yezindlela ezinamandla zokuqinisekisa ukuthi abaphathiswe zona bayaphendula.

Ngesonto elidlule umcwaningimabhuku-jikelele usiphe izindaba ezimnandi ngenkathi ebuyekeza indlela uhulumeni ezweni lonke nohulumeni bezifundazwe ukuthi iphucukile indlela imali esetshenziswe ngayo. 

Izikhungo zikahulumeni ezithole imibiko emihle engenagcobho zandile zisuka kweziwu-126 zafinyelela kweziwu-147. Isibalo salezo ezithole imibiko emibi sehlile sisuka kweziwu-14 zaba yisihlanu. Loku kukhombisa ukuthi iphucukile indlela imali ephathwa ngayo nokuthi abantu bayaphendula ngezinqumo abazenzayo ngemali kanti ngiyawubongela uhulumeni ngaloku.

Nokho, akuyona yonke into ebiyizindaba ezinhle. Kukhona izinto ngombiko womcwaningimabhuku-jikelele ezikhathazayo njengokwanda kwezikhungo ezingaphothulwanga ukucwaningwa, ezisuke kweziwu-12, zafinyelela kweziwu-31. 

Into ekhathaza kakhulu ngaloku yisibalo samabhizinisi kahulumeni. Yi-Development Bank of Southern Africa kuphela ethole umbiko omuhle ongenagcobho. 

Imibiko eminingi ayiphothuliwe, okukhona kuyo oweSouth African Airways (osekuwunyaka wesihlanu), i-Eskom, iDenel ne-Alexkor. Amanye ahlehlele emuva njengeBhange loMhlaba, elalithole umbiko omuhle ongenagcobho, kodwa elithole umbiko omuhle onogcobho neSABC, eyayithole umbiko ongemuhle kodwa kuloku ethole umbiko omubi kakhulu. 

Indlela amabhizinisi kahulumeni aphathe ngayo imali iyaqhubeka nokuba ezinye zezinkinga ezinkulu ezweni kanti umbiko womcwaningimabhuku-jikelele uyacacisa ukuthi ukuhluleka kwabaphathi bawo wukuphendula nokubika ngokusebenzisa imali, imbangela enkulu yokuhluleka kwawo.

Amanye amabhizinisi angayethulanga imibiko yi-Unemployment Insurance Fund, iNational Student Financial Aid Scheme neCompensation Fund. 

Yizikhungo ezimqoka lezi ezeseka abantu abaningi eNingizimu Afrika kanti ukuhluleka kwazo ukuphendula ngendlela ezisebenzise imali ngayo kuyakhathaza kakhulu.

Ukuphucuka kwezifundazwe cishe yiyona nto enhle. Lokhu kukhombisa imizamo eyenziwe wohulumeni bezifundazwe besekwa wumNyango wezeziMali.  

Ekhuluma ePhalamende umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ubalule ukuthi umNyango wezeMfundo eGauteng uthole umbiko ongenagcobho kulo nyaka emva komsebenzi weminyaka, esinye sezikhungo ezinhlanu eziphucukile (kulesi sifundazwe) yize esisodwa sihlehlele emuva. 

Zibe yisishiyagalolunye izikhungo eziphucukile KwaZulu-Natali, kwathi eMpumalanga Kapa naseNorth-West zaba yisishiyagalombili isifundazwe ngasinye. INtshonalanga Kapa yisona sifundazwe esisahamba phambili njengoba ithole imibiko engenagcobho ewu-18. 

Ngale kokucwaninga imibiko yezimali, ihhovisi likamCwaningimabhuku-Jikelele liphinde libuyekeze indlela izikhungo zikahulumeni ezihlinzeka ngayo umsebenzi nanokuthi ziqhuba kanjani ngezinhlelo ezisuke zizibekile ngonyaka. 

Kuxubile okuvele lapha. Umcwaningimabhuku-jikelele ubike ukuthi ikota yezikhungo zilethe imibiko engathembekile, okungesiyo noma bebungekho ubufakazi bezinto abathi bazizuzile.

Ezweni lonke, iminyango yezokuThutha, owemiSebenzi yomPhakathi nowokuHlalisa abaNtu benze kahle kodwa owezeMpilo unemibiko emine emibi kakhulu nowodwa ongaphothuliwe kwewu-10. 

Kuba nogcobho uma bungekho ubafakazi bezinto okuthiwa zenziwe kusukela esibalweni sezikole ezihlinzekwe ngamanzi kampompi kuya kumatayitela abhaliswe eminyangweni yokuHlalisa abaNtu ezifundazweni. 

Into elokhu iqhamukile wumsebenzi owenziwa yimithetho i-Public Finance Management Act ne-Municipal Finance Management Act njengoba izikhungo eziningi ezihluleka wukuthola imibiko engenagcobho zikhala ngokuthi le mithetho ayizilungele.

Umcwaningimabhuku-jikelele uthe okumqoka ukuthi kube nabaphathi abazimiselayo ukuqikelela ukuthi yonke into imi ngononina, indlela okwenziwa ngayo nokugadwa izinto ngayo. Ukwenza loko yikona okubalulekile ukudlula imicikilisho yemithetho.

Umcwaningimabhuku-jikelele ufanele futhi ukubika ngezinto ezingahambi kahle okungaba wukukhwabanisa, ukuntshontsha noma ngabe yini ephambene nomthetho.

Umcwaningimabhuku-jikelele uthole izinto ezwu-266 okuphulwe ngazo umthetho eminyakeni emine edlule, okusukela ezimpahleni ezikhokhelwe imali eyeqe kakhulu kuya ekukhwabaniseni. 

Izinyathelo ezithathwe wumcwaningimabhuku-jikelele zigweme ukuthi kulahleke noma zisize ukubuyisa uR2.6 billion ngale minyaka kanti kukhona amacala awu-15 aphenywayo, abantu abangu-50 abaqondiswa izigwegwe nezinto eziwu-58 ezenziwe ukuphucula indlela okwenziwa ngayo. 

Ngenye into enhle lena emizamweni eminingi yokulwa nenkohlakalo nobugebengu ezweni lonke.

Umcwaningimabhuku-jikelele uhlabe ikhwelo lokuthi kujwayelwe ukuthi abantu baphendule futhi bathathelwe izinyathelo ngezinqumo abazenzayo.

Abaphethe imali nezinye iziphathimandla kufanele baphuthume ukuthathela abantu izinyathelo futhi kube yinto abayijwayelayo. Uma abantu bethathelwa izinyathelo kuyasiza ngoba nabanye bayakubona lokho bese beyasaba ukwenza okungalungile.

Umcwaningimabhuku-jikelele ukhale ngokuthi kwesinye isikhathi izikhulu zihudula izinyawo uma kufanele zithathe izinyathelo bese ziphunyukwa yithuba lokujwayeza abantu ukuthi bahloniphe umthetho futhi benze izinto ngendlela efanele. 

Umcwaningimabhuku-jikelele ubike ukuthi ezigamekweni zokukhwabanisa nokungaziphathi ngendlela ngesikhathi kuthengwa izimpahla ngonyaka odlule, u-59% ulungisiwe ngendlela kodwa ezinye azikalungiswa. 

Ukuqikelela ukuthi abantu bathathelwa izinyathelo ngokushesha kumqoka ukuphucula indlela izinto ezenziwa ngayo kuhulumeni.  

IHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngesinye sezikhungo ezenza umsebenzi osezingeni elifanele. Ngesikhathi salo hulumeni ophethe, umcwaningimabhuku-jikelele uthe kuyakhula ukuhlonipha umthetho ezikhungweni zikahulumeni, okuyinto enhle ezuzwe wuhulumeni kodwa nalo leli hhovisi uqobo elingakhathali ukuqhakambisa izinto okufanele zilungiswe ngemibiko yalo. Lokhu kusho ukuthi izwi lomcwaningimabhuku-jikelele liyahlonishwa. 

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page