UDkt uPam Ntshangase-Mpanza, umsunguli we-Excellence Health Foundation yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Uyisishoshovu sezifo zabesifazane owayehlushwa wukubona befika esibhedlela sebesokhukhweni lokufa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAPHATHEKANGA kahle ngelinye ilanga esamncane esikhungweni sezempilo kade egula. Wanquma ngaleso sikhathi ukuthi uzoba wudokotela oyophatha kahle iziguli. Kwaqondana nokuthi vele uyaziphuzela kwisayensi nezibalo. 

Esewudokotela kwakumhlupha ukuthi kuneziguli ezazfika kubona sezigulela ukufa, yize zaziphethwe yizifo ebezinganqandeka ukube zazisukume zayofuna usizo kusenesikhathi.

Yiloku okwenza uDkt uPam Ntshangase-Mpanza washiya ukusebenza emNyangweni wezeMpilo wakusungula inhlangano engenzi nzuzo i-Excellence Health Foundation. 

Le nhlangano eneminyaka emithathu ikhona, yize inonyaka ibhaliswe ngokusemthethweni, igxile ekufundiseni ngezifo ezihlukene ezihlupha abesifazane nezinhlobo zomdlavuza ezidlangile KwaZulu-Natali.

Wazalwa eNanda, eThekwini, ngaphambi kokuthi umndeni wakhe uthuthele eJozini, enyakatho yeKZN, lapho aphothula amabanga aphezulu khona. 

Wafundela ubudokotela eWits University kanti uneminyaka ewu-15 enza lo msebenzi. Usanda kuthweswa iziqu i-Master’s in Obstetrics and Gynaecology eNyuvesi yaKwaZulu-Natali.  

UDkt uNtshangase-Mpanza uwungoti wezifo zabesifazane nokubelethisa, phecelezi i-obstetrician/i-gynaecologist

Uthi: “Ngangibona kunginqinda ukusebenza esibhedlela. Enye into kwakungihlupha ukuthi uthola umuntu onomdlavuza wesibeletho efika kithina kungasekho okutheni esingamenzela khona ekubeni zikhona izindlela zokugwema loko, njengokwenza i-pap smear futhi ikhona imitholampilo nezibhedlela. Ngaqala ngazibuza ukuthi yini esingayenzi noma yini esingayenza kangcono ukulungisa loko.

“Ngabona ukuthi abantu baswele ulwazi kodwa bekungafinyeleleki kahle kubona ngaphambi kokuthi bagule ngoba bengisebenzela isibhedlela esikhulu, umuntu edluliselwa kithina esevele esegula. Ngasula emsebenzini, ngasungula inhlangano yami. 

“Ngihambela imiphakathi ngifundisa ngezifo ezithinta abantu besifazane, ngiya emasontweni, emisakazweni noma ngabe kuphi lapho abantu besifazane behlangene khona. Ngesikhathi ngiqala ngangikwenza ezinkundleni zokuxhumana kodwa lokho kukodwa kwakunganele ngoba kunabantu okwakungafinyeleleki kubona,” kusho yena.

UDkt uNtshangase-Mpanza usebenzela nenye inhlangano yezempilo engenzi inzuzo iHealth Systems Trust, lapho eyi-project manager khona.

Emsebenzini wakhe bagxile ekufundiseni kakhulu ngomdlavuza wesibeletho kanti bagxile eZululand kanti yena nenhlangano yakhe okwamanje usebenzela kakhulu eMkhanyakude.  

I-Health Excellence Foundation isifinyelele kubantu besifazane abangaphezu kuka-1 000 seloku yaqala umsebenzi wayo uma bengabalwa exhumana nabo ezikhundleni zokuxhumana nangomsakazo. 

Uthi: “Yima ngizwa ukuthi ngempela ngenza umsebenzi engibizelwe wona. Abantu bagcina befa ngoba beswele ulwazi nangenxa yezinkolelo ezifana nokuthi uma uphathwa yisifo esithile kusho ukuthi kukhona okungalungile okade ukwenza. Ikhona nenkolelo yokuthi izifo ezithile ngezabantu abathile bodwa. 

“Enye into wukuthi sicabanga ukuthi umuntu kufanele aye emtholampilo noma esibhedlela ngoba nakhu egula kuphela, asiyijwayele le nto yokuthi uyaya nje uyohlolwa kungonakele lutho.”

Uthe yize ecabanga ukugxila kumdlavuza kuphela ngelinye ilanga kodwa usakhethe ukugxila kuzona zonke izifo zabantu besifazane ngoba ziningi izinto ababhekana nazo ngaphandle komdlavuza.

“Ngiyakwazi ukuxoxa nomuntu ophuphunyelwe yisisu, hhayi ngoba ngiwudokotela kuphela kodwa ngoba yinto nami esengike ngadlula kuyona. Kuyangijabulisa uma umuntu esebuya ezosho ukuthi iseluleko engamnika sona simsizile, kungaba wumuntu obenenkinga yokuthola abantwana, mhlawumbe ngimxhumanise nodokotela othile, obenenkinga yokopha kakhulu noma oke waphuphunyelwa yisisu,” kusho yena.

UDkt uNtshangase-Mpanza usasebenza kakhulu nomndeni wakhe nabantu abavolontiyayo ngoba yonke into ayenzayo uyikhokhela ephaketheni lakhe, kwazise inhlangano yakhe ayixhaswe umuntu.  

Uthi: “Ukuba nenhlangano engenzi inzuzo kuyawenza umehluko emphakathini kodwa akuyona indlela yokwenza imali noma yokuzicebisa njengoba abanye abantu baye bacabange. Abantu abaxhasana ngemali banezinhlelo zabo futhi bayafuna ukwazi ukuthi imali isetshenziswe kanjani nokuthi ikwenzile ngempela lokhu esuke ikhishelwe kona.” 

Uthi inselelo enkulu abhekana nayo wukuba nesikhathi sokwenza zonke izinto azinikele kuzona njengoba ephinde abe wunkosikazi nomama wezingane ezintathu, enye yazo engaphansi konyaka izelwe.

Okunye ngaye: 

  • Uphumula ngokuhlala nomndeni wakhe nokuzikhipha nabangani bakhe; 
  • Uthanda ukubuka amafilimu; 
  • Ekudleni uthanda i-seafood; 
  • Ukhonze ukufunda ama-biography; 
  • Emculweni uzifela nge-R&B nowokholo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page