Asibheke amabhizinisi aletha izisombululo ukuze sinqobe impi yokuntuleka kwemisebenzi, kuloba uNtokozo Biyela

NAMHLANJE ngifisa sibheke udaba lwezibalo ezintsha zabantu abangasebenzi ezweni ezikhishwe izolo. 

Kuthiwa ngekota edlule, abantu abebengasebezi bebewu-32,7%, ngekota yokuqala yango-2023 bakhuphuke ngo-0.2%, baya ku-32.9%. 

Kuthiwa imisebenzi elahlekile ibalelwa ku-170 000. Siyazi-ke ukuthi empeleni isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika singaphezu kuka-32.9% ngoba kukhona lesi esibuka ngeso elibanzi esibizwa nge-expanded definition, kanti sona sitshengisa ukuthi abantu abangasebenzi bawu-42.4%. Uma iStatistics South Africa ichaza i-expanded definition ithi ngabantu abafaka labo okuphele isonto bengaqashiwe nokufanele ngabe bayasebenza kodwa abangasenawo umdlandla wokubheka umsebenzi. 

Ayikho neze imisebenzi. Loku sikubona imihla namalanga ngabantu abama emakhoneni befesa. Sibona nangentsha eningi esanda kuthola iziqu kodwa engakwazi ukuthola imisebenzi. Sibi isimo.

Loku kubuhlungu ngoba kusho ukuthi iningi lentsha lizozithola seliphila impilo encikinciki, enye ibe yizicelankobe ngenxa yokuntula umsebenzi. Isimo sibi kakhulu ngoba ngisho nofundile akasenalo ithemba. 

Yingakho ngithi akesibheke ukusungula amabhizinisi aletha izisombululo emiphakathini esihlala kuyona. Iningi  lemiphakathi esihlala kuyo ayihlanzekile, inobugebengu, kuvuza amanzi kompompi, ugesi uhamba ubuye futhi kunemigodi emigwaqweni. 

Lezi yizinkinga esibhekene ngqo nazo singabantu baseNingizimu Afrika mihla namalanga. 

Yingakho ngithi ake sisungule amabhizinisi azobhekana ngqo nalezi zinkinga.

La mabhizinisi noma angavulwa abe yimifelandawonye bese uhulumeni ebeka isamba esithile semali esizoxhasa lonke uhlobo lwebhizinisi ukuze abantu abangenamisebenzi emiphakathini yethu babenabakwenzayo, nokuzokwenza baxoshe ikati eziko.

 Isikhathi sokukhetha uhlobo lomsebenzi sesiyancipha, yingakho kubalulekile ukushintsha indlela esenza izinto ngayo.

Nawe mfundi ngikuphosela inselelo yokuthi ake uqalaze ngakini ukuthi yini eyisidingo bese ubona ukuthi ngeke yini uqhamuke nesisombululo. 

Baningi abantu abafuna ukuqala amabhizinisi ngoba naku bebona abanye bewaqala. Abanye bagcwele embonini yezokwakha kodwa lutho imisebenzi ngoba balinde kuvele amathuba okwakha. 

Kunelinye ibhizinisi engike ngalibona elangihlaba umxhwele elilula ngendlela exakayo. Kuleli bhizinisi badayisa izinhlobo zekhofi, ijusi nama-muffin kodwa yonke into yakhona ibiza u-R12. Kugcwala olayini abade ngoba abantu babona ukuthi uma bezothenga khona bathola loku esikubiza nge-value for money, okusho ukuthi imali abayikhokhayo ngabakuthengayo ayibakhalisi ngoba bayibona ihamba indawo ende.

Ezindaweni eziningi inkomishi iqala ku-25 kodwa kuleli bhizinisi uzitholela ikhofi ngo-R12.

Ngizama ukuthini? Ngizama ukuthi mhlawumbe nawe lapho ukhona ungasebenzisa le ndlela yebhizinisi ukuze udayise loku wena ocabanga ukuthi abantu bayakudinga. Kwesinye isikhathi akudingi nokuthi kuze kube yinto enkulu noma ibhizinisi elinzulu.

Ake ngenze isibonelo, uma uthenga i-Oros ngoR35, wenze amabhodlela awu-40 awo-200ml uwadayise uR10 lilodwa, loku kusho ukuthi ngebhodlela elilodwa likaR35 usuwenze uR400.  

Okusho ukuthi wenza inzuzo kaR365 ngebhodlela. Uthenge nesinkwa ngoR15 esizokhipha amasemishi awu-11 ongawafaka u-polony noma i-ham noma ushizi, udayise ngoR10 nako. Loku kusho ukuthi ngesinkwa wenza uR110, okuhambisana nalezi zinto ozifake phakathi.

Usungenza-ke i-combo ongayidayisela abantu yejusi nesemishi ebiza u-R20. Loku kwenza ukuthi abantu abangenamali eningi yokuthenga ukudla kwasemini beze kuwena ngoba wena ushibhile, ubanika i-combo yejusi nesemishi ngo-R20 kuphela. 

Ngiyathemba ukuthi uyabona ukuthi ngizama ukuthini. Loku kwenza ukuthi kube khona omama asebezothembela kuwena ngokudla kwezingane kwasemini.

Asisukume sakhe amabhizinisi aletha izisombululo ezimpilweni zabantu.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page