UNksz uMolebogeng Pitso, umsunguli weKontractors At Work and Projects yaseKutlwanong, eFree State

Izithombe: Zithunyelwe

Wenza ezibukwayo onebhizinisi elingajwayelekile kwabesifazane. Uxoxe noTEBOGO MOKWENZA

NGESIKHATHI uNksz uMolebogeng Pitso eqala ukwenza umsebenzi wokuba wumbazi wayezifunela imadlana azozijabulisa ngayo ngamaholidi kaKhisimuzi. Nokho kwathi emva kokukhulelwa wase ebawumama wagcina enqume ukuzinikela kulo msebenzi osumakhele igama entsheni yesifazane elokishini langakubo.

UNksz uPitso, odabuka eKutlwanong, eFree State, utshele iVutivi ukuthi uqale ibhizinisi lakhe ngo-2014 ngaphambi kokulibhalisa ngokuthi yiKontractors At Work and Projects ngo-2019.

Uthi waqale waqeqeshwa, nokumsizile ukuphucula ikhono lakhe. Wengeze nokuthi wayithanda nenselelo yokuthi lona wumsebenzi okugcwele abantu besilisa kuwona. “Ngenkathi ngiqala ngabona ukuthi yinhle imali nokuthi maningi amathuba endaweni engihlala kuyona. Ngathi uma sengifundile ukuwenza umsebenzi ngaqale ngangawunaka kangako kodwa ngangiwuthakasela. Nokho ukuba wumama kwashintsha yonke into, ngaqala ngawusukumela umsebenzi wami futhi ngabuka ukuba wumbazi njengomsebenzi wangempela, hhayi itoho.

“Ngayijabulela nenselelo ngoba ngangifuna nokuqeda inkoleloze yokuthi abesifazane bayazisaba izinselelo,” kusho yena.

UNksz uPitso uzibambela mathupha emsebenzini

Ukusebenza ngezandla yinto abengayiqali uNksz Pitso njengoba eqeqeshelwe ukuba wunjiniyela kagesi. Wathola imali yokusungula ibhizinisi lakhe kumuntu omcathulisayo abasasebenzisana naye namanje. Uthi ngenkathi eqala abantu babengamhloniphi ngenxa yeminyaka nobulili bakhe.

“Abantu babengangithembi okutheni kanti kwadingeka ukuthi ngibakhombise ngomsebenzi wami ukuthi bangangithemba. Kungisebenzele ukuzikhandla ngoba abantu baqala bawunaka umsebenzi wami kanti namakhasimende ami ayevamile ukutshela abangani nezihlobo zawo ngami kanti kwakubamangaza ukubona umsebenzi wami,” kusho uNksz uPitso.

UNksz uPitso uthe kuyamkhuthaza ukuthi abantu besifazane abancane elokishini lakhe babukela kuye.

Ikhishi elenziwe yiKontractors At Work and Projects

Uthi: “Yithina kuphela esinalolu hlobo lwebhizinisi endaweni yethu kanti futhi sisebenza nakwezinye izindawo ezakhelene nelokishi, sigxile ekwenzeni amakhabethe asekhishini, awezimpahla zokugqoka, o-ceiling, sifaka ama-tiles ne-timber flooring. Sinendawo yethu esisebenzela kuyona lapho ngiqashe khona abantu abahlanu. Kuyabakhuthaza abantu besifazane abancane ngasekhaya ukubona ukuthi ngimncane ngimngaka ngikwazile ukusungula i-workshop yokuqala endaweni, nokwenza bangihloniphe.”

UNksz uPitso useke waklonyeliswa yiFree State Top Game Changers ngesitifiketi ngomsebenzi wakhe.

Unezinhlelo zokuvula indawo enkulu yokusebenzela lapho ezoqeqesha khona abanye abantu besifazane ukuze bakwazi ukuzimela.

Facebook: Molebogang Niny Pitso

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page