Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela ehlelekile yokwenza umsebenzi, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.
Yisifundo lesi asifunde kanzima uNks uLebo Madiba, umsunguli nesikhulu esiphezulu sePR Powerhouse. Lena ngenye yezinkampani eyaziwayo ngamagalelo ayo emkhakheni wezokuxhumana nokukhangisa izinkampani. Isineminyaka ewu-12 yasungulwa kodwa uNks uMadiba yena uneminyaka ewu-26 ekulo mkhakha kanti igama nezwi lakhe kuyahlonishwa.
Sebeke basebenza nezinye zezinkampani ezinkulu, ezinye zazo ezihweba eJohannesburg Stock Exchange njengeNedbank ne-Etion. Basebenzile neSouth African Airways, iBusiness Unity South Africa neCricket SA. Enye yalezo abasebenza nayo manje yiJohannesburg Business School, uphiko olufundisa ngamabhizinisi nokuphatha e-University of Johannesburg.
“Kunezifundo engizifunde kanzima, njengokuphatha imali. Ngisanda kuqala kwake kwaphela izinyanga eziyisishiyagalolunye kuye kweziwu-10 ngingazi ukuthi umgcinimabhuku engangisebenza naye wayengathumeli imininingwane ye-VAT kubaqoqintela, nokwasidalela inkinga.
“Isikhathi esiningi into esiyithatha kancane uma singena ebhizinisini wukuthi singongoti bemikhakha yethu. Uma usunebhizinisi uyaqala uletha abantu (ozosebenza nabo), amakhasimende bese uyabona ukuthi kukhona uphiko lakwandabazabantu, ezokukhangisa ibhizinisi, ukugcina amabhuku nazo zonke lezi zinto ezidinga ukuba yingxenye yebhizinisi. Kodwa ngingene ebhizinisini ngazi ukuthi ngiyokwenzela ezinye izinkampani ezokukhangisa nokuxhumana kodwa u-80% wesikhathi sami awupheleli ekwenzeni lokho, ngibhekene nalena eminye imisebenzi. Ekuqaleni lokho kwakunzima ngoba ngangingaqalanga ngicabanga lezo zinto.
“Kuyasiza kakhulu ukuba nezindlela zokusebenza ezibhekelela yonke into nokuba nabantu enisebenzisana kahle nabo. Uma ngicabanga ngomgcinimabhuku esasebenzisana naye size siba nenkinga, angisakhumbuli nokuthi ngangimthole kanjani kodwa kukhona engangingakwenzanga kahle ukuqikelela ukuthi uwumuntu ofanele ukuthi sisebenzisane naye,” kukhumbula yena.
Uthi ukuba nabantu abamcathulisayo ngezindlela ezihlukene yikona okumsizile njengoba ethi omunye walaba bantu wumuntu owayegxile ekumsizeni ukuthi alungise zonke lezi ezinye izinto ezenza inkampani isebenze kahle futhi alungiselele ukukhula kwenkampani. Uthi ukukhula kwenkampani kungakukhinyabeza uma kuzokwenzeka ungakuhlelele.
UNks uMadiba uzalelwe futhi wakhulela e-Attridgeville, eTshwane, lapho ekhuliswe khona wunina noninakhulu emva kokushona kukayise eneminyaka eyisihlanu.
Uthi ukhule behlale befundiswa izincwadi kanti kwakuyizincwadi ezikhuluma ngezinto ezisematheni. Ukhule unina ezifela ngowaba ngundunankulu wesifazane wokuqala wase-United Kingdom uNkk uMargaret Thatcher. Yilesi isizathu esamenza wathanda ipolitiki, ikakhulukazi ethinta amanye amazwe. Wabhalisela iziqu ze-International Communications eTechnikon Pretoria, esibizwa ngeTshwane University of Technology ngoba ethi wenzela indlela yokungena kwezepolitiki. Kepha wanele waqala ukuqonda ukuthi abezindaba basebenza kanjani nokuthi abakhangisa izinkampani ngokusebenzisa i-public relations banamandla angakanani ezindabeni ezishicilelwayo wathatheka wabe esegxila kule mboni.
Uqale waqashwa yizinkampani ezihlukene, ukhethe ukuphuma inxiwa ngoba ebona ukuthi akusekho okunye okutheni asengakuzuza kanti futhi wayengakuthandi ukusebenzela izinkampani ezinkulu kakhulu.
Uthi umphakathi ucabanga ukuthi umsebenzi wabo wukwenza imicimbi, ukuhlela izipho nokungcebeleka nje kuphela. Uthi lokho yingxenye encane yomsebenzi wabo.
Namakhasimende acabanga ngeyawo indlela ngalo msebenzi. “Amanye ayawuqonda kodwa amanye awawuqondi nhlobo. Abanye abaqondi ukuthi ngeke ‘uludayise’ udaba okungelona udaba, kufanele kube yinto ngempela abantu abangabhala ngayo, hhayi into engathi shu. Ngineminyaka (eminingi) futhi siyathembana nabantu esisebenza nabo, ngakho bayazi ukuthi angibachitheli isikhathi kodwa-ke kunzima kulabo abasaqala embonini,” kusho uNks uMadiba.
UNks uMadiba uthi into enkulu aziqhenya ngayo wukuthi usekwazile ukuqhuba ibhizinisi yonke le minyaka nokuthola uhlobo lwamakhasimende abasebenzisana nalo nokuba negama elihlonishwayo embonini akuyona.
I-PR Powerhouse isanda kwethula uhlelo lwezingxoxo olutholakala ngobuchwepheshe i-INFLUENCE Podcast eqale emasontweni ambalwa edlule.
UNks uMadiba uthi inhloso yakhe ngalolu hlelo wukubhunga ngezihloko ezishisa ibunzi njengamanje ezifana nezemvelo nokuguquguquka kwesimo sezulu. “Esinye isizathu wukuthi sengiyazikhetha izinto engizenzayo, ngenza lezo zinto engizithandayo, nengibona zizoba nomphumela omuhle kubantu.
“Ngo-2018 kwaba kubi umzimba wami usho ukuthi ukhathele kakhulu, kwase kube yiminyaka ewu-22 yonke ngisebenza kanzima. Manje angisenzi noma yini, angisagijimeli yonke imisebenzi, ngihlala nomndeni wami futhi sengizama ukuthi inkampani igcine isikwazi ukuqhuba umsebenzi ngaphandle kwami,” kuphetha uNks uMadiba.
Okunye ngaye:
- Uphumula ngokuqwala izintaba, ukubheka ubuciko, ukuvakasha, ukucambalala embhedeni kanina nokubuka amadodana akhe enza ezemidlalo;
- Ukukhonzile ukudla nokupheka, ikakhulukazi isishebo senkukhu;
- Ufunda izincwadi eziningi ngesikhathi esisodwa.

