Omunye wemisebenzi yobuciko weHouse of Tweespruit yaseTweespruit, eFree State

Isithombe: Sithunyelwe

Uxosha ikati eziko ngobuciko obungajwayelekile oseneminyaka eyibambile. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UNEMINYAKA engaphezu kwewu-20 eyiciko kodwa uzizwa sengathi uhambo lwakhe yima lusanda kuqala. Uzibona ehlukile kwamanye amaciko ngoba ucabanga ngendlela ehlukile futhi ibhizinisi lakhe liwubufakazi bale ndlela engajwayelekile enza izinto ngayo nemenza ahlale eqhamuka namasu amasha.

UMnu uMohapi Nchako, we-House of Tweespruit, yaseTweespruit, eFree State, utshele i-Vutivi News ukuthi ngenkathi eqala ukuba yiciko ngo-1998, kwakuyinto ayeyenza eceleni. Kepha emva kokuphelelwa wumsebenzi wanquma ukuzinikela emsebenzini wobuciko ngokugcwele, wacela umkakhe ukuthi asebenze naye.

UNchako ukhiqiza amaketela okuhlobisa, izindishi, obhasikidi bobumba, amabhola nezinto zokuhlobisa endlini ezinjengamawashi nezitsha zezimbali ezinamatshe.

Uthi: “Ngize ngifike ngisho eMpumalanga Kapa ukuze ngithole amatshe amahle ahlobe ngemibala engiwasebenzisa uma ngenza umsebenzi wami.”

Uthi kwakunzima ukuthola amakhasimende eTweespruit, nokwakumphatha kabi.  “Ngagcina sengiya ezindaweni ezinjengaseLadybrand naseBotshabelo lapho umsebenzi wami owawuthakaselwa kakhulu khona.

“Ngicabanga ukuthi ngangizophumelela kakhulu ukube umphakathi wangakithi engakhulela kuwona, ngaphila nempilo yami yonke kuwona, wazama ukungiseka emsebenzini wami. Nokho imikhiqizo yami yaziwa kakhulu ezindaweni ezibudebuduze,” kusho uNchako ngokothandwa komsebenzi wakhe kakhulu kwezinye izindawo. “Omunye wemsebenzi yami engiyithandayo yisibani engasenza ngophondo lwenyamazane,” kuqhuba yena.

Isifiso sikaNchako esikhulu wukuthuthukisa intsha ngamakhono ayifundise ukuba ngamaciko. “Ngiyakholelwa ukuthi ngokwenza njalo, angizukugcina ngokuyinika ikhono elisezingeni eliphezulu kuphela kodwa ngizoba nesandla ekwehliseni ukuntuleka kwamathuba emsebenzi entsheni, okugcina sekuyiphushela empilweni yobugebengu ngezinye izikhathi. Ngingathanda ukuzibona ngifinyelela kwezinye izinhlobo zobuciko ezinjengokuhlobisa izimpahla zasendlini ezinjengamakhabethe ezingubo, amakhabethe ezitsha ngisho nemibhede.”

UNchako ufisa ukubona imboni ezokwamukela lonke uhlobo lweciko. “Ngikholwa wukuthi imboni yethu ayinakwa futhi ayesekwa ngendlela efanele, okungasiza kakhulu ukuqhakambisa obethu ubuciko.”

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page