Iseyinde indlela kodwa kunezimpawu ezikhomba ukuthi isizoxazululeka eyokucinywa kukagesi, kuloba uBusi Mavuso

UKUCINYWA kukagesi ngesonto elidlule kumoshe kakhulu. Ngitshelwe ngezinkampani ekuphoqeleke ukuthi zidilize izisebenzi ngenxa yokungakwazi ukusebenza. Nezinama-generator azikwazanga ukuthola udizili ngokushesha. Nezisebenzisa amabhethri agcine eziphelela.

Kuyacaca ukuthi loku bekuyinkinga naku-Eskom, ubungakwazi ukuphehla ugesi ngokuphelele ngenxa yesiteleka esingekho emthethweni esihambisana nokucekela phansi nodlame.

Nakuba kunjalo isikhulu esiphezulu sase-Eskom uMnu u-André de Ruyter ubephume izinkalo zonke echazela izwe nosomabhizinisi ukuthi kwenzekani. Uchazele umkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) ngoLwesithathu ngesimo kanti nezwe ubeloku elazisa ngokwenzekayo esebenzisa amaziko ezindaba. Kuyathokozisa ukuthi aphumele obala achaze okwenzekayo.

Iyodwa kuphela indlela yokuqinisekisa ukuthi asiphindi sibhekane nezehlakalo ezinjena. Kumele sibe nezindlela ezihlukene zokuthola ugesi eNingizimu Afrika. Ngeke sisakwazi ukuthembela enkampanini kahulumeni eyodwa manje.

Kade sakwazi loku kanti ukube sakusukumela ngokushesha kusenesikhathi ngabe asibhekananga nokwenzeke ngesonto elidlule. Sinako konke okudingekayo;  izinkampani ezizimele zingakwazi manje ukwakha izindawo ezikhiqiza ugesi ofika ku-100MW ngaphandle kwezimvume. Uhlelo lwabakhiqizi abazimele abakhiqiza ugesi ongaphehlwa ngamalahle lungakhiqiza ugesi omningi kakhulu. Eminyakeni engatheni singakwazi ukuba nabakhiqizi bakagesi abahlukene eNingizimu Afrika.

Ikhona inqubekelaphambili kodwa iyagqoza. Enye indlela osekungenelelwe ngayo, nenhle kakhulu, yisinqumo se-Eskom sokuvuma ukuthi  omunye umhlaba wayo omkhulu oseMpumalanga usetshenziswe ukuthola abakhiqizi bakagesi abazimele.

Iningi lalo mhlaba linezimvume ezidingekayo ukuze kukhiqizwe ugesi futhi ziseduzane nezindawo zokuxhuma ugesi ukuze ufinyelele ebantwini. Emasontweni amabili adlule uDe Ruyter umemezele abantu abawu-18 izicelo zabo zokusebenzisa umhlaba eziphumelele. Bazokwenza iziteshi zikagesi ezikhiqiza u-100MW indawo iyinye, bengeze ngo-1.8GW emthamweni kagesi. Lo mhlaba abazowusebenzisa uwu-11% wamahekthare awu-36 000 akhona ozosetshenziswa yiziqashi zokuqala, okusho ukuthi isenkulu indawo esengasetshenziswa.

Sekuyashesha ukubhalisa abakhiqizi abazimele enhlanganweni elawula imboni kagesi iNational Electricity Regulator of South Africa. Sekuphasiswe izicelo eziwu-18 nakuba “kunenqwaba” yezicelo. Izimvume zokugcina ziphothulwe ezinsukwini eziwu-19 emva kokufakwa kwezicelo. Wuphawu oluhle lolu olucacisa ukuthi izinto ebezivimba ukuthi izinkampani ezizimele ziphehle ugesi sezisusiwe.

Izimpawu zicacile ukuthi imboni kagesi izoba nezinkampani ezihlukene. Uma kunjalo, isiteleka kumkhiqizi oyedwa ngeke sisho ukucinywa kukagesi. Ngiyasola ukuthi abatelekile babonile ukuthi izinto ziyajika, nokungakho bezama ukuthola imiholo ephezulu ngoba bayazi ukuthi kungekudala ngeke besakwazi ukuvalela izwe ekhoneni.

Iseyinde indlela okusafanele siyihambe ngaphambi kokuthi sibe nekusasa likagesi eliqhakazile. Kumele kuphothulwe ukuhlukanisa u-Eskom ukuze  kube nendlela yokuthenga ugesi ozofinyelela emphakathini ngamanani aphansi, u-Eskom ube ngomunye wabo. Kumele sibeke imithetho nenqubo ecacile ukuze kube lula ukuthutha ugesi – inqubo yokuthi umkhiqizi kagesi osendaweni eyodwa akwazi ukudayisela abathengi abakwezinye izindawo. Loku kuzosheshisa ukuthi abakhiqizi bakagesi abazimele bakwazi ukungena embonini. Izehlakalo zangesonto elidlule zitshengisa ukuthi kumele sisheshise kangakanani ukuze kwenzeke loku.

Sidinga umqondo owodwa ogxile ekutheni kwenzeke izinguquko ezifanele. Uhulumeni nosomabhizinisi kufanele bahambisane ukuze kwenzeke abakufisayo. Kukhona lapho okuhambe kahle khona kodwa akumele siphumule singakazi ukuthi sekuphelile ukucinywa kukagesi.

I-BLSA isiqale ucwaningo ngezincomo ezenziwe yiJaji uRaymond Zondo ukuze kubonakale indlela efanele yokusungula inhlangano elwa nenkohlakalo.

Kunezincomo eziningi esingaqala ukusebenza ngazo ngokushesha. Ezinye kwazo wukuhlinzeka uPhiko lokuShushisa iNPA ukuze lushushise abathintekayo ekugwamandeni umbuso – iningi labo elinezikhundla eziphezulu kuhulumeni.

Ukulekelela ukulwa nokuhlukumeza abesifazane nezingane, iBLSA izosebenzisana neMatla a Bana, inhlangano engenzi nzuzo elwa nalesi sihlava futhi eyakha izindawo ezifanele izingane ukuze zikwazi ukubika amacala eziteshini zamaphoyisa, ezinkantolo nasezibhedlela. Le nhlangano ihlinzeka osonhlalakahle namaphoyisa ngezinsiza ezidingekayo ukuze baqoqe ubufakazi kahle.

IMatla a Bana iphinde yeseke ngezindlela eziningi abasekhaleni lokulwa nokuhlukumeza abesifazane nezingane.

  • UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBLSA

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page