Bheka amathuba amasha okwenza imali esimweni somnotho esintengayo, kuloba uNtokozo Biyela

NAMUHLA ngithanda sibheke isimo somnotho waseNingizimu Afrika esesimanzonzo ngenxa yokunyuka kukadizili, uphethroli nopharafini.

Ngibhala le ngosi nje phakathi kwamabili izolo uphinde wanyuka uphethroli, udizili nopharafini. Sekungokwesithathu enyuka la manani.

Osomnotho baxwayisa unyaka usaqala ukuthi singamangali uma sizithola sesikhokhela ilitha likaphethroli uR25 ungakapheli unyaka. Kwaba sengathi banehaba kodwa buka manje ilitha likaphethroli libiza uR26. Osomatekisi banyuse imali yokugibela kusukela mhla ka-1 ngoJulayi. Asikafiki ngisho kuhhafu wenyanga kodwa nanka futhi amanani kaphethroli nodizili aseyanyuka.

Isimo sempilo silukhuni kakhulu manje. Uma ubhekisisa sisebenzela uphethroli nodizili manje. Njengoba kunyuka uphethroli nodizili kuyacaca ukuthi maduze sizobona amanani okudla eqala enyuka. Ngachaza kwenye ingosi ukuthi amanani kaphethroli nawokudla ahlangana kanjani. Uma kunyuka amanani kaphethroli nodizili, abathutha izimpahla ngamaloli bayaphoqeka ukunyusa amanani okuhambisa izimpahla ezweni lonke.

Uma amanani enyuka kusho khona ukuthi izimpahla abazihambisa izwe lonke abadayisi bazo nabo kufanele banyuse amanani ukuze bezokwenza inzuzo. Sekulukhuni ngisho ukuya emsebenzini ngoba imali umuntu ayikhokhayo ukuya emsebenzini ngemoto imba eqolo. Kubalulekile ukuthi sonke manje siqale sibhekisise ukuthi yini esingayenza ukunciphisa izindleko ukuze sikwazi ukuphefumula.

Cishe enye yezinto engasiza wukuthi abahamba ngezimoto ezinkulu babuyekeze lesi sinqumo. Ngike ngabona omunye wabangani bami ohamba ngemoto enkulukazi ethela udizili emotweni yakhe waze weqa ku-R2 000; isigcwala ngodizili kaR2 400.

Zolo loku kade igcwala ngoR1 800. Angazi-ke njengoba udizili uphinde wanyuka izolo ebusuku ukuthi usezokhokha malini. Isizogcwala ngoR2 800 uma ngiqagela. Kucishe kume inhliziyo ukubona ukuthi sisebenzela igazolo.

Nanku u-Eskom ngapha awuzibekile phansi, ugesi ucishwa mihla namalanga, akusebenzeki. Izinkampani ziyadiliza, ezinye ziyavalwa. Isimo simapeketwane nje emnothweni waseNingizimu Afrika.

Izazi kwezomnotho zithi sekonakele kakhulu manje. Sonke kufanele sibophe izifociya manje. Kwabanye loku kuphoqa ukuthi  bakhiphe izingane ezikoleni ezizimele ukuze bakwazi ukuphefumula. Abanye kuzophoqa ukuthi badayise imoto eyodwa basale neyodwa ukuze bakwazi ukuphefumula. Abanye kuzodingeka bathole imisebenzi yesibili abazoyisebenza ukuze bakwazi ukuphila.

Kepha-ke njengoba ngake ngasho phambilini, kunoma iyiphi inhlekele kunethuba lokwenza imali. Ngiyakukhuthaza-ke nawe somabhizinisi ukuthi ube uqala ubheka ukuthi yimaphi amathuba angase avele njengoba sinezinkinga emnothweni.

Ngibone enye intokazi kuthelevishini ithi ithole ikhambi lokonga igazolo. Ithi ixhumane nenkampani yaseMelika eyenza amaphilisi okunciphisa ukudleka kwegazolo emotweni. Ithi ithenge amaphilisi awu-5 000 okuthe uma efika lapha eNingizimu Afrika adayisa ubuthaphuthaphu ngenxa yokuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bafuna ikhambi elizobasiza bonge ngegazolo. Ngakho-ke indlela engcono yokonga wukuthi basebenzise la maphilisi enza imoto yonge igazolo.

Nawe-ke ungabe ucabanga ukuthi yini ezobe iyisidingongqangi ongazenzela imali esheshayo ngayo umnotho usantenga.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Facebook: Ntokozo Mondli Biyela

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page