ITheku nemizamo yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula emnothweni. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMASIPALA waseThekwini wethule isabelomali sango-2022/23 esibuyekeziwe uchaza ukuthi umi kuphi ngesicelo sesibonelelo osifake emNyangweni wezeziMali sokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele ngo-Ephreli nangoMeyi, ezidale umonakalo olinganiselwa kuR5.8 billion.
Sesisonke isabelomali sedolobha wuR55.4bn. Umkhandlu uthi usalinde impendulo yomNyango wezeziMali ngesicelo sawo. Ngale kwalesi sicelo, umasipala kukhona ezinye izinto ozozenza ukunciphisa izindleko.
Ngokwesitatimende sikamasipala, ezinye izinto eziphasisiwe kulesi sabelomali wukuthi ayikho imali ehlinzekelwe ukukhokhela izisebenzi amabhonasi, kuphela kubekwe eyokubhekelela ukunyuswa kwemiholo.
Imali ekhokhela izisebenzi ngokusebenza amahora engeziwe ophikweni lweTrading Service Cluster incishiwe ngo-50% noma uR216 million. Umkhandlu uthe uzosebenzisa le mali ukuvala izikhala ezikhona. Nemali yemicimbi incishisiwe njengoba kwabiwe uR16.6m kuphela.
Eminye imizamo yokulungisa inkinga edalwe yizikhukhula yizingxoxo eziphakathi kukamasipala neNgonyama Trust Board mayelana nomhlaba ongasetshenziswa ukuthutha abantu abahleli ezindaweni okulula ukuthi zikhukhuleke. Umasipala uhlinzeke uR28m ukuthenga omunye umhlaba.
Bangaphezu kuka400 abantu ababulawa yizikhukhula ngo-Ephreli kanti kusakhona abawu-60 abangakatholakali nezinkulungwane ezikhosele emahholo.

IMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda ithe lezi zikhukhula zango-Ephreli yizona ezimbi kakhulu esezike zahlasela eminyakeni ewu-100. Zihlasela nje izikhukhula bewuvele umnotho usakhahlanyezwe yiCOVID-19 nezigameko zokutapa emabhizinisini ngoJulayi ngonyaka odlule.
Lo monakalo awupheleli nje eThekwini kuphela kodwa emnothweni weNingizimu Afrika yonke. I-International Monetary Fund (i-IMF) nayo kuleli sonto ithe ukuvuselela umnotho okhahlanyezwe yizo zonke lezi zigameko yiyonanto okufanele ibe seqhulwini.
I-IMF ibikade ihlangene nomNyango wezeziMali. Esitatimendeni esikhiphile ithe: “Njengoba umnotho waseNingizimu Afrika uvuka ekuphazanyisweni wubhubhane, uyahlomula emananini okumbiwa phansi amahle nasenyuse imali engena ngokudayisela amanye amazwe nemali eqoqwa wuhulumeni. Nokho kunenqwaba yezigameko eziphazamisayo. Izikhukhula eThekwini, impi ese-Ukraine, ukuqinisa imigomo yomnotho emhlabeni nokwehla kweChina kuletha izinselelo ekukhuleni (komnotho) nasekusimamiseni amanani ezimpahla. Inqubomgomo kufanele igxile ekunciphiseni umphumela waloku ibe ilungisa izingqinamba ezindala ezivimba ukuthi umnotho ukhule.
“Ukucinywa njalo kukagesi kwenza kube lukhuni ukuqhuba umsebenzi eNingizimu Afrika. Nokungasebenzi kahle kwezokuthutha kunciphisa umhlomulo wokunyuka kwamanani okumbiwa phansi. Ukuqonga kwamanani empahla kwenza kube lukhuni ukuthi abantu abahola kancane bakwazi ukuthenga izinto futhi kuphazamisa nokuncintisana kwezwe nenzalo ekhokhiswa yona uma liboleka,” kusho isitatimende se-IMF.
Ukulungisa ingqalasizinda ecekelwe phansi yizikhukhula, uKaunda uthe kunoR1bn wengqalasizinda yamanzi ngo-2022/23, uR2.2bn kwekagesi, uR1bn kweyomgwaqo nezokuthutha kanti kuhlinzekwe uR450m ozosetshenziswa iminyaka emithathu ukwakha izindlu ezincane zezitini emijondolo.

Ngo-Agasti kuzoba nengqungquthela iThekwini Municipality Conference on Climate Change ezobhunga ngezinselelo ezidalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu okungenye yezimbangela zokuhlasela kwezikhukhula, nokuthiwa kusazoqhubeka.
Umasipala awuyinyusanga intela ekhokhelwa izakhiwo, phecelezi ama-rates. Kunaloko, iyehlise ngo-10% emva kokubuyekezwa kwamanani emizi nezakhiwo.
Nokho ezinye izidingo ezitholakala kumasipala zinyusiwe. UKaunda uthe: “Omasipala babhekene nesimo somnotho esinzima. Indlela esinyuse ngayo izinto yiyona efanele yokubhekelela imindeni entulayo namanye amakhasimende ethu sibe siqinisekisa ukuthi umasipala unemali eyenele ukuqhuba umsebenzi.”
Amanani ezidingo izakhamuzi ezizithola kumasipala zizonyuka kanje:

- Imininingwane itholakale kuMasipala waseThekwini

