USolwazi uLungile Ntsalaze weJohannesburg Business School yase-University of Johannesburg uthi ayisukunyelwe eyamabhizinisi amancane nobuchwepheshe

Izithombe: Zithunyelwe

Iseyinde indlela okusafanele ihanjwe yiNingizimu Afrika ukuthuthukisa asafufusa ngobuchwepheshe kodwa sekuntwela ezansi. USLINDILE KHANYILE uyabika

AMABHIZINISI amancane asengozini yokuwa noma kuzoncipha inzuzo ayenzayo uma engayisukumeli indaba yokuguqula indlela asebenza ngayo ukuze ahambisane nobuchwepheshe besimanje kanti loku kubeka imisebenzi engcupheni.

Lesi yisexwayiso sikaSolwazi uLungile Ntsalaze, umphathi wezifundo zobudokotela eJohannesburg Business School yase-University of Johannesburg. USolwazi uNtsalaze uthi ubuchwepheshe besimanje buyasiza ukuphucula impilo, indlela amabhizinisi ahlinzeka umsebenzi ngayo futhi bunciphisa nezindleko zebhizinisi.

Uthi uma kubhekwa iqhaza lamabhizinisi amancane emnothweni, uma engaguquki, mkhulu umsizilo ongaba semnothweni. “Osomabhizinisi abancane baqashe abantu abaningi ezweni, cishe u u-47% wabantu uqashwe ngamabhizinisi amancane kanti loko kungenisa u-20% wempahla ekhiqizwa emnothweni, ngakho asikwazi ukuthi amabhizinisi amancane avale ngenxa nje yokuthi sihlulekile ukuhambisana nezikhathi ,” kusho yena.

USolwazi uNtsalaze uthi ukuba sezinkundleni zokuxhumana kuyisiqalo sokuhambisana nobuchwepheshe besimanje futhi kubalulekile ngoba ngenye yezindlela zokukhangisa ibhizinisi. Nokho ugcizelele ukuthi loko kukodwa akwanele.

Uthi nakuba kuyiqiniso ukuthi izinto zishintsha njalo futhi masinyane kule mboni kodwa uthe ikhona indlela yokuthi osomabhizinisi abancane bakwazi ukumelana nalezi zindleko. Mulalele echaza.

Nakuba uSolwazi uNtsalaze evumile ukuthi iziqu zobudokotela ezigxile kwezokuxhumana i-PhD in Digital Transformation, abasanda kuzethula, ngenye yezindlela zokwenza loku kodwa ugcizelele ukuthi akuzona ezosomabhizinisi kuphela. Uthe yizifundo ezingenziwa yinoma wubani onentshisekelo yokuthuthukisa ulwazi ngobuchwepheshe besimanje.

Ukubaluleka kobuchwepheshe kugqame ngesikhathi izwe livaliwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19 njengoba bekusetshenzelwa futhi kufundwa emakhaya. Ngalesi sikhathi kuhlale obala izinselelo ezikhona njengoba ezikoleni eziningi zabantu abamnyama kwathomba ukhiye ngokufundela emakhaya ngenxa yokusweleka kwengqalasizinda. Sekukhulunywe kakhulu nangokumba eqolo kwamanani e-data, nako okuseyinselelo nakuba izinkampani eziyidayisayo sezike zawanciphisa amanani azo ngo-30%. 

USolwazi uNtsalaze uthi ngisho ungakayiphathi eyobubuchwepheshe, osomabhizinisi abancane abesekwa ngendlela efanele njengoba besaxakwe wukuswela imali yokuxhasa amabhizinisi abo nokukwazi ukudayisa imikhiqizo yabo.

Wengeze ngokuthi kusekhona izindawo okungelula ngisho ukuthi umuntu akwazi ukuxhumana ngobuchwepheshe kahle ngenxa yokugqoza kwe-connectivity. Yizwa echaza.

Umqondisi we-Innovation, Policy and Strategy emNyangweni wezokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uNks uNontombi Marule uvumile ukuthi usemkhulu umsebenzi odinga ukwenziwa ngokuletha uguquko oluhambisana nobuchwepheshe ngenxa yalezi zinselelo ezikhona.

“Uthinta indaba ebucayi impela kanti angiyena umuntu othanda ukumbambatha iqiniso ngoba ngempela lezi zinto okhuluma ngazo ngezinye zezinto ezisinqindayo ukwenza kahle zonke lezi zinhlelo esinazo. Indaba ayipheleli kwi-data kuphela kodwa nokungasebenzi kahle kukagesi kuyahlupha,” kusho yena.

UNksz uMarule wenze isibonelo ngomsebenzi okufanele wenziwe yiSouth African Research Network nokuwumfelandawonye wokucwaninga ohlanganisa amanyuvesi ehlukene othembele ebuchwephesheni obusezingeni eliphezulu.

UNks Marule, umqondisi we-Innovation, Policy and Strategy emNyangweni wezokuHweba, iziMboni nokuNcintisana

“Ucwaningo olwenziwayo lube selugcinwa kusetshenziswa ubuchwepheshe nokuphinde kuxhume kuwona wonke amanyuvesi. Indlela okufanele kusebenze ngayo uthola ukuthi uma kunosomabhizinisi osafufusa ofisa ukuthola ulwazi, ake sithi mayelana nezolimo njengokuthi kufanele atshale nini futhi yiziphi izinto zokubulala izinambuzane okufanele azisebenzise ngoba ucwaningo lwenziwe e-UCT kodwa ludingwa wumlimi oseMpumalanga, uthola ukuthi ngale kwenqubomgomo ngisho nokuluthola lolo lwazi, kuzoba lukhuni ngoba kufanele aluthathe kwi-cloud (ubuchwepheshe bokugcina imininingwane) udinga i-data eningi ukwenza njalo.”

Echaza ngezinhlelo nosizo umNyango wabo onazo, uNksz uMarule uthe ezinye zezinto abazenzayo wukuxhasa ukuthuthukisa ubuchwepheshe obugxile embonini yezokukhiqiza.

“Indlela eseseka ngayo amabhizinisi amancane ngqo wukuba nezinhlelo zokuwacathulisa lawo mabhizinisi adinga ubuchwepheshe ukuze akhule kodwa futhi kukhona nalezo zinhlelo ezilekelela amabhizinisi asembonini yokukhiqiza ukuthi aqale asebenzise ubuchwepheshe endleleni akhiqiza ngayo,” kusho yena.

Uthi banezikhungo zokusungula izinto ezintsha ezindaweni ezakhelwe ukuthuthukisa izimboni nomnotho njengeDube TradePort neRichards Bay Industrial Development Zone, lapho osomabhizinisi abancane besizwa khona ukusebenzisa ubuchwepheshe.

“Sinanezinhlelo zokusebenzisana nezinkampani ezizimele ukuthi zisize osomabhizinisi abancane ngengqalasizinda yabo bese bethola amaphuzu eBEE.”

Ephawula ngezinye zezinto athi zikhombisa inqubekelaphambili nesezibe yimpumelelo, uNks uMarule ubale uhlelo lokufundisa ngobuchwepheshe olwahlanganiswa eTuksNovation e-University of Pretoria, nolwagcina luthengwa wumNyango weMfundo eyisiSekelo olungadinga i-data ukuze lusebenze.

Ubale neTshimologong Digital Innovation Precinct eseGoli, athe isiza osomabhizinisi abancane abafisa ukwakha ama-app bathole i-software mahhala.

Emva kweminyaka kubambezelekile, ngoMashi kuphothuliwe ukudayisa i-spectrum ngemali engaphezu kukaR14.4 billion. Loku kulindelwe ukuthi kuphucule isivinini sokuxhumana ngobuchwepheshe futhi kwehliswa amanani e-data.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page