Obeshaya isisefo esitolo sokudla usenewayini elithi yena. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UWUMUNTU ohlale ezihlupha ngokuthi uhlobo nohlobo lomkhiqizo lwakheke noma lwenziwa kanjani. Loku kuzihlupha ngolwazi yikona okumenze wafisa uzicija ngokuthi iwayini livutshelwa kanjani.
Uthe eselutholile ulwazi ngokufunda ezikhungweni ezihlukene akangagcina lapho kodwa waqhubeka waqala iwayini lakhe. Zolo loku uMnu uSiphakamiso Duma ubeshaya isisefo kwaCheckers kusukela ngo-2016 kodwa namhlanje usewumnikazi weDuma Wines.
UDuma, oneminyaka ewu-26 nongowaseWyebank, eThekwini, uthi uthando lokuba newayini lakhe lwaqala ngo-2016 njengoba wayebuye asebenze njenge-wine controller kwaCheckers.
“Yilapho-ke engavuleka khona umqondo, ngihlale ngizibuza ukuthi into nento isunguleka kanjani. Ngagcina senginentshisekelo yokufisa ukwazi ukuthi ngingenzenjani ukuze ngigcine senginohlobo lwewayini elithi mina,” kulanda yena.
Uthi ngo-2017 wenza izifundo i-wine education eWine of South Africa, lapho athola khona ulwazi lwezindlela zokwenza izinhlobonhlobo zewayini bese uphuma nesitifiketi.
“Ngenxa yentshisekelo enginayo ngaloku, angigcinanga lapho njengoba ngaqhubeka futhi ngo-2019 ngenza izifundo i-The Science of Alcohol esikhungweni sase-United Kingdom, i-The Open University. Yilapho-ke engafunda khona kabanzi ngokwenziwa nokuvutshelwa kwewayini nezinhlobonhlobo zotshwala,” kusho uDuma.
IDuma Wines uyiqale ngoDisemba nyakenye, wabe eseyibhalisa njengenkampani ngokusemthethweni ekuqaleni kwalo nyaka. Inezinhlobo ezimbili zewayini iSauvignon Blanc neSYRAH Rose, athi ihlukile kwamanye amawayini indlela evutshelwa ngayo.

“Izinga elicokeme elenziwa ngayo nendlela elinambitheka kamnandi ngayo yikhona okwenza lehluke, nokuthi-ke leli wuhlobo lwewayini lweqophelo eliphezulu. Akunankinga ukuliphuza usuqede ukudla futhi lilungele noma yiluphi uhlobo lomcimbi,” kusho yena.
Iwayini lakhe liwuR110 kanti liwuR175 uma ulithenga ku-www.madeindurban.co.za.
Uthi okwamanje litholakala KwaZulu-Natali yonkana naseGauteng enkampanini asebenzisana nayo iCapital Wine.
Ukhale ngokubheduka kweCOVID-19 okuholele ekumisweni kokudayiswa kotshwala nokwenza ukuthi kungabi bikho ukuzinza nokuba nomphumela ongemuhle ebhizinisini.
“Ukuzethemba nokukholelwa entweni engiyenzayo yikona okungenza ngime nasezimweni ezinzima,” kusho uDuma. Weluleke abafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi bazinikele futhi basebenze kanzima ukuze baphumelele.
Manje ubheke ukukhulisa iDuma Wines igcine isitholakala ezweni lonke nasemhlabeni wonke jikelele, aphinde akwazi nokusiza abantu abamnyama bangene kuleli bhizinisini, okusakhonya abamhlophe kulona.
Facebook Page: Duma Wines
Twitter: DumaWines
Instagram: dumawines
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo Group, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo.

