Kuzophuma izibalo zokukhula komnotho ezweni
YINTATHELI YOMBELE
KULELI sonto eNingizimu Afrika kuzobhekwa izibalo zabantu abaqashiwe, ezokukhiqiza embonini yokukhiqiza neyezimayini ngekota yesibili yonyaka ephela ngoJuni.
Izibalo zangekota yokuqala zokungabibikho kwemisebenzi zikhombise ukuthi bawu-32,7% abantu baseNingizimu Afrika abebengasebenzi.
Izibalo zangoJuni zibalulekile ngoba yizona ezicacisayo ngokukhula komnotho. Izibalo zemboni yokukhiqiza nezomkhiqizo ezimayini bezehla izinyanga ezintathu zilandele kwaze kwafika kuMeyi. EzangoJuni kufanele zikhuphuke ukuze zigweme ukwehla kokukhula komnotho ngekota yesibili.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/03/amehlo-azothi-njo-kwizibalo-zemboni-yomkhiqizo/
Ngeshwa akubukeki sengathi izibalo zizokhuphuka. Izingqapheli zezimakethe zizophoxeka ukuthi obekulindelekile ngekota yesibili kungase kungafezeki njengoba kubukeka sengathi izibalo ziloku zehla futhi nokunyuka kwesibalo sabantu abangasebenzi bengalindelekile.
Khonamanjalo, eMelika ezimakethe kuzobhekwa izibalo zamandla emali zangoJulayi nezamanani okudayisa izimpahla nezamanani okuthenga izimpahla. Izibalo zokuholela abantu kungabalwa izisebenzi zasemaplazini eziphume ngoLwesihlanu zizocacisa ukuthi kungase kulindelweni ezimakethe.
Ngemva kokuthi ibhange lombuso laseMelika iFederal Reserve linqume ukungayikhuphuli imalimboleko ngesonto elidlule kodwa langacacisa ukuthi lingase lenze njani ngomuso, abatshalimali bazobe beqaphe izibalo zokuqasha abantu nezamandla emali ezizokhombisa ukuthi umnotho uthwele kanzimi.
Izibalo zokuthenga iziimpahla zizokhombisa ukuthi ngabe emizini yabantu banayo yini imali yokuthenga, nakuba imalimboleko namanani kagesi kusephezulu.

