Usuku lokuvota luzokwaziwa maduze – ungqongqoshe
YINTATHELI YOMBELE
NJENGOBA sekusele izinyanga ezimbalwa ukuthi iNingizimu Afrika iye okhethweni lohulumeni bendawo, ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosi Hlabisa uthi uzolumemeza ngoLwesihlanu usuku lokuvota.
UHlabisa usho loku eThekwini, KwaZulu-Natali, izolo ngesikhathi ehlola izinhlelo zokubhalisela ukuvota. Uthe: “Ngifuna ukugqugquzela abantu abasha, abadala nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basukume bavotele abantu abababona befanele ukubaphatha. Luzoshicilelwa ngoLwesihlanu usuku lokuvota, okuzobawumhlaka-4 wangoNovemba.”
Uthe kusukela manje kuze kubewuLwesihlanu abantu kufanele baqinisekise imininingwane yabo yokuvota ngokungena ezinkundleni zenhlangano eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission ngoba uma esenze isimemezelo lwashicilelwa emqulwini kahulumeni ngokusemthethweni usuku lokhetho abantu ngeke besakwazi ukubhalisa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/29/omasipala-abebegodlelwe-imali-wumgcinimafa-sebeyitholile/
Ngempelasonto bekuvala ukubhalisa siqu ezikhungweni zekhomishini yokhetho njengoba kuleli sonto abantu bezokwazi ukubhalisa nokuqinisekisa imininingwane yabo online.
UHlabisa, nowumengameli we-IFP, uphethe ngokudonsa abantu baseNingizimu Afrika ngendlebe ukuthi bangalindi umzuzu wokugcina ukubhalisela ukuvota ngoba ukwenza loko kuzofana nokuthi bayazikhipha ekuthatheni izinqumo ngekusasa labo.
“Asifuni ukubona abantu bebhikisha emgwaqweni kodwa sifuna babhikishe ngevoti labo. Abaqinisekise imininingwane yabo kusukela namhlanje kuze kubewuLwesihlanu. Abavotele abantu ababathembayo abazazi izidingo zabo kumawadi,” kuphetha yena.

