Wenza izinto zibelula ngokuya kumakhasimende
WUTHOBILE ZWANE
KUBANTU abaningi, impelasonto yisikhathi sokuphumula. Kwabanye yisikhathi sokuma kulayini omude, belinde ukuwasha imoto amahora amaningi esikhundleni sokuthi baphumula. Insizwa edabuka yaKwaZulu-Natali kodwa esihlala eGauteng yathola umqondo webhizinisi lapho.
UMnu u-Ayanda Dladla waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, eKZN, osehlala eMidrand, wasungula iMowash, ibhizinisi eliwasha izimoto nokhaphethi eliya lapho amakhasimende ehlala khona.
“Ngazibuza ukuthi kungani ibhizinisi eliwasha izimoto lingakwazi ukuza kimi mina ngibe ngiqhubeka neminye imisebenzi yami?”
Le nsizwa eneminyaka ewu-32 uthi kusukela isencane yayithanda izinto zobuchwepheshe, ihlale imatasa ngokulungisa izinto uma kukhona okungasebenzi. Uma ingalungisi umsakazo ofile, yayenza izinto ezisebenza nge-remote control. Loko kuthanda ukufuna izixazululo wakhula nako.
Esekhulile uDladla ubewunjiniyela wezinto ezisebenza ngogesi, phecelezi, i-automation, enkampanini enkulu ngaphambi kokusungula ibhizinisi iMowash.
“Ngenxa yomsebenzi omningi, kwesinye isikhathi ngangihamba izinyanga ezintathu, kuya kwezine ngingayiwashanga imoto yami,” kulanda yena.

I-Mowash ifike qathatha ukuzowashela ikhasimende endaweni yalo
FUNDA NALAPHA: Umfundi wasenyuvesi uwasha izimoto emakhaya abantu
Lokho kwamenza wabona ukuthi le nkinga akuyona eyakhe kuphela. Umqondo webhizinisi wamfikela ngo-2015. Igama elithi Mowash uthi lavela lapho yena nomfowabo becabanga igama elilula nelizokhumbuleka kalula.
UDladla uthi: “Mina nomfowethu ngesikhathi sixoxa sasifuna igama elifishane nelikhumbuleka kalula futhi sasingafuni igama elizosibophezela ekuwasheni izimoto kuphela ngoba sasibona ibhizinisi likhula.”
Wazifundisa yena ukwenza ama-app. Waqala ukuyakha ngo-2016. Ukuqala umsebenzi wathenga i-generator, ithangi lamanzi, i-pressure wash nemoto yokusebenza.
Waliqala ngo-R160 000. “Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi ngizokwenza inzuzo ezinyangeni ezintathu zokuqala. Kodwa ngasheshe ngabona ukuthi ukuthola ikhasimende lokuqala kunzima, kanti ukuthola ayishumi kuyinselelo enkulu,” kukhumbula yena.

I-Mowash ayigcini ngokuwasha izimoto, nokhaphethi iwushiya ukhanga
Uthi enye inselelo enkulu kwakuwukuthi abantu bathembe le ndlela entsha yokuwasha izimoto.
Uthi: “Abantu ngeke bathembe umuntu ofika nebhakede nesipontshi ethi uzowasha imoto. Kwadingeka ukuthi sihlole yonke into, amandla amanzi, amakhemikhali nemishini ukuze umsebenzi ubesezingeni eliphezulu. Kancane, kancane izinto zaqala ukuhamba kahle amakhasimende anda, ibhizinisi lakhula.” Namuhla iMowash isiqashe izisebenzi eziyishumi.

Isisebenzi seMowash sihlanza umatrasi
Ululeka abafisa ukusungula ibhizinisi ukuthi bangasheshi balindele imphumelelo. “Abantu ababenesineke futhi bahlele kahle. Ungathathi izinqumo ngoba zisuka emcabangweni omuhle kuphela. Hlela okuhle kodwa futhi ulungele okubi. Kubalulekile ukubanelinye icebo.”
UDladla unezifiso ezinkulu ngeMowash. Ufisa ikhule ize ibekhona nakwamanye amazwe futhi idume kuwona.
Facebook: Mowash
X: @ MowashZA

