Amakhasimende aseCapitec asezokwazi ukufaka izicelo zomazisi emagatsheni ahlukene aleli bhange. Isithombe: Sithunyelwe

I-Capitec isizokwenza omazisi emagatsheni ayo

WUBONISWA MOHALE 

ZIZOPHELA izigameko zokukhwabanisa ngomazisi babantu njengoba amabhange aseNingizimu Afrika esengene ohlelweni lokulekelela abantu ukufaka izicelo zomazisi. 

Ungqongqoshe womNyango wezaseKhaya uDkt uLeon Schreiber usho kanje emva kokuthi iCapitec iqale izinhlelo zokusiza abantu ukufaka izicelo zomazisi. 

“Kubalulekile ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika babenomazisi oyikhadi, onobuchwepheshe besimanje futhi ovikela imininingwane yabo. Umazisi omdala oyibhuku awuphephile kahle ngoba amaqola akhwabanisa ngawo futhi antshontshe imininingwane yezakhamuzi. Omazisi abasha bazoqeda ukwebiwa kwemininingwane yabantu,” kusho yena.

Ukuthakasele ukungena kweCapitec ohlelweni lwamabhange asiza izakhamuzi ukufaka izicelo zomazisi nokuthi iStandard Bank yandise amagatsha ayo okufaka izicelo.

U-Schreiber uthe lubalulekile lolu hlelo ngoba kunezakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziwu-4.4 million ezineminyaka engaphezulu kwewu-16 ezingenamazisi, ngakho ukusebenzisana namabhange kuzozilekela. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/15/izicelo-zomazisi-sezizokwenzeka-kwi-banking-app/ 

Okunye okwenza kubaluleke ukusebenzisana namabhange wukuthi emahhovisi awu-349 omNyango wezaseKhaya awu-190 kuphela amukela izicelo zomazisi ezintsha. 

Kulindeleke ukuthi maphakathi nalo nyaka amagatsha aseCapitec awu-100 ebe esekwazi ukusiza abantu ukufaka izicelo zomazisi.

Amakhasimende aseCapitec afaka izicelo zikamazisi azokhokha uR150, okukhona kuwo uR140 womNyango wezaseKhaya noR10 wezindleko zeCapitec. 

Isikhulu esiphezulu saseCapitec uMnu uGraham Lee sithe leli bhange lisesimweni esihle sokusiza abantu ngezicelo zomazisi ngoba uhhafu wabantu abadala basezweni bangamakhasimende alo. 

“Ukusebenzisana kwethu nomNyango wezaseKhaya kuzowusiza ukufinyelela kubantu abangazitholi zonke izinsiza zawo ngoba iningi labo lingamakhasimende ethu,” kusho yena. Phakathi kwamabhange ayingxenye yohlelo olusiza amakhasimende ukufaka izicelo zomazisi kukhona iCapitec, iStandard Bank, iFNB, i-Absa, iNedbank, iDiscovery Bank, i-Investec Bank, iTyme Bank ne-African Bank. Imininingwane yokuthi yimaphi amagatsha enza loku itholakala kuma-website amabhange.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page