Zikhwele kuDhlomo e-Ericsson South Africa
YINTATHELI YOMBELE
UMNU uSandile Dhlomo uzobayinhloko entsha ye-Ericsson South Africa kusukela ekuqaleni kwale nyanga nelungu lethimba elihola i- Ericsson West and Southern Africa.
Lezi zindaba zimenyezelwe yi-Ericsson esitatimendeni esithunyelwe abezindaba. UDhlomo uneminyaka eyevile kwewu-20 emkhakheni wokuxhumana ngobuchwepheshe kanti useke waphatha izikhundla eziningi e-sub-Saharan Africa okubalwa e-Algeria, eNigeria, eKenya naseGhana.
Iphini likamengameli nenhloko ye-Ericsson West and Southern Africa uMnu uMajda Lahlou Kassi uthe: “Sizibophezele ukuqinisekisa ukugxila ezimakethe zethu ezimqoka kanti iNingizimu Afrika iseqhulwini kwi-Ericsson kulesi sifunda. Amava (kaDhlomo), ukuqonda izindawo nobuholi bakhe obaziwayo buzoqinisa ukuphumelelisa lezi zinhlelo futhi buqinise ubudlelwano bethu eNingizimu Afrika.”
UDhlomo uthe: “Ngithakasile ukuthatha lesi sikhundla sokuhola umsebenzi wethu eNingizimu Afrika ngesikhathi esibaluleke kanje kule mboni.
“Ngizogxila ekuphuthumiseni ukwenza izinto ngezindlela ezintsha, nokwenza ukuthi amakhasimende ethu ahlomule ngomsebenzi esiwenzayo nokuphosa esivivaneni ukuletha uguquko kwezokuxhumana ngobuchwepheshe ezweni lethu. INingizimu Afrika iyathembisa kakhulu kanti ngibambisene nethimba le-Ericsson sizovula amathuba okusimama kwezokuxhumana ngobuchwepheshe ngokuhambisana nombono wethu othi #AfricaInMotion,” kuphetha yena.

