Inkantolo iyalele Ithala ukuthi lisebenzisane nomlawuli
YINTATHELI YOMBELE
KULOKOZA inhlansi yethemba kubantu abangakwazi ukuthinta imali yabo esebhange Ithala emva kokuthi amajaji eNkantolo ePhakeme KwaZulu-Natali enqume ukuthi leli bhange kufanele lisebenzisane nomlawuli ukwenza uhlelo lokubuyisela abantu izimali zabo.
Umlawuli waqokwa oqinisekisa ukuthi amabhange nezinye izinkampani ezisebenza ngemali zilandela umthetho wePrudential Authority (iPA) owamisa ukusebenza kweThala emva kokuthi lingayilandelanga imigomo elibekelwe yona njengoba belisebenza ngaphandle kwemvume enikwa amabhange.
Ngesonto elidlule inkantolo inqume ukuthi amandla e-rapayment administrator (i-RA) eqokwe wumlawuli awangeni ezinhlelweni zeThala ezingahambisani nokuthatha amadiphozithi.
- Ithe Ithala akufanele lamukele amadiphozithi amasha, lizogcina ngale mali esabanjiwe okwamanje;
- Imali yeThala engenayo kufanele ibengaphansi kweso le-RA futhi ihambisane nezinhlelo zokukhokha imali okuvunyelwene ngayo;
- Umsebenzi we-RA wukwengamela ukuvikela imali ekhona nokuqinisekisa ukuthi abantu abakweletayo bakhokha kahle;
- Ithala ne-RA kufanele basebenzisane ukwenza uhlelo nokuqinisekisa ukuthi abantu bayakhokhelwa.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/10/kuvaleleke-izimali-zestokfela-nezamabhizinisi-e-ithala-amakhasimende/
Undunankulu waKwaZulu-Natali uMnu uThami Ntuli uthe bewuhulumeni bazoqinisekisa ukuthi Ithala liyaqhubeka nokusiza abantu, ikakhulu abasemakhaya nabangakwazi ukuthola izinsiza zamabhange.
“Okuzokwenzeka manje wukuthi uhulumeni wesifundazwe uzosebenzisana nePA, i-RA, umgcinimafa, i-Absa neminye iminyango efanele ukuqinisekisa ukuthi imali okufanele ikhokhwe iyatholakala. Kufanele kugoqwe necala eliseNkantolo yokuDlulisa amaCala. Sizoqinisekisa ukuthi abantu abafake imal eThala bayayithola futhi sizosebenzisana neSouth African Social Security Agency, izinyunyana, umphakathi nabanye abasebebenzisana neThala ukuze bangaphazamiseki kakhulu,” kusho yena.
UNtuli unxuse wonke umuntu ukuthi ahloniphe umthetho, ayeke izinkantolo zenze umsebenzi wazo.
Lithintwa Ithala ukuthi liphawule, lithe lisebenzisa isitatimende sikahulumeni waseKZN ukuphawula ngalolu daba, akukho okunye elingakuphawula.

