UNkk uHlekephi Sibisi umlimi waseHlokozi, eHighflats

Isithombe: Sithunyelwe

Wasukunyiswa wukubona ukuthi ayizifezi zonke izidingo zekhaya imali eholwa wumyeni wakhe osewumlimi ophakela izitolo imifino. UZANELE MTHETHWA uxoxe naye

WAQALA ukulima ezama ukulekelela umyeni wakhe ukondla umndeni owesifazane osephakela izitolo imifino.

UNkk uHlekephi Sibisi waseHlokozi, eHighflats, sekunguye omise ikhaya ngomsebenzi wokulima njengoba umyeni ayemlekelela esathatha umhlalaphansi.

UNkk uSibisi osefake nezingane zakhe kuleli bhizinisi lokulima, waqala ngo-2001 ngengadi encane yemifino.

“Sinezingane ezine. Umyeni wami ubethwele kanzima ukwenza yonke into ngoba ubesebenza yedwa, ubegcina ezikhalela kimina. Ngabona kungcono (ukuthi) ngiqale izingadi, ngidayise imifino. Ngikwazile ukumlekelela ngemali yemifino uma kukhona la kushoda khona endlini,” kulanda yena.

Uthe yize aqala ngemifino nengadi encane, manje usetshale ubhontshisi, umbila, amazambane namadumbe. Unezindawo ezintathu ezingamasimu ilapho etshale imifino khona. Unendawo engamahektha amathathu atshala umbila kuyo. UNkk uSibisi uthe uqale wadayisela umphakathi imifino ngaphambi kokuphakela izitolo.

“Bengidayisela noma wubani, ngingakhethi. Ngalesi sikhathi ngisanda kuqala, bekukhona abokufika abebengena imizi bedayisa. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi laba abokufika babuya bazoqasha izitolo ebesezivaliwe, badayisa kuzona. (Ngibanxuse) ukuthi bathenge kimina imifino abayidayisayo. Kusukela ngaleso sikhathi, bathenga kimina, futhi bathenga ngamasaka awo-50kg,” kusho yena.

Uthe ukuphakela izitolo zabokufika kulisimamisile ibhizinisi ngoba useyazi ukuthi unamakhasimende amlindele njalo ngenyanga.

Ukhala ngokuthi kulo nyaka ushayekile ebhizinisini ngenxa yokubheduka kweCOVID-19. Ugcine esebenzisa imali abeyilondoloza ukufeza izidingo zekhaya, wangabe esakwazi ukuthenga imbewu ukuze atshale ngobuningi.

UNkk uSibisi uthe ngabe abakakwazanga ukufundisa zonke izingane ukube akaqalanga ukulima. Kumanje ingane eyodwa isiyasebenza, ezimbili seziqedile ukufunda noma zingakaqashwa. Kukhona neyodwa engakaqedi isikole.

Uthe izingane zakhe ezingakawutholi umsebenzi usezifake ebhizinisini lokulima. Uthe uma umsebenzi umningi, ubuye aqashe nomakhelwane bamhlakulele insimu. UNkk uSibisi uthe akatshali ngomanyolo kodwa usebenzisa indlela yemvelo. Uthe usebenzisa umquba, awuvuvuzela enhlabathini ukuze ivunde.

Uke waqeqeshwa ngaphansi kohlelo lokuthuthukisa abalimi, wafunda ukuthi umanyolo uyazilimaza izitshalo.

Ngale kokulima, uNkk uSibisi ufuye nezimbuzi, nazo azidayisayo. Usafisa ukuqeqeshwa kulo mkhakha wemfuyo, akhala ngokuthi akamandla kahle kuwona.

“Kukhona abangitshela ukuthi umnyango wezolimo unezinhlelo zokuqeqesha abalimi abafuyile. Nokho kunzima kimina ukuchushiswa kulezo zinhlelo ngoba yimina ngedwa ofuyile esigodini. Kumanje nginezimbuzi eziwu-15 kodwa nginenkinga yokufelwa ngamazinyane. Angazi ukuthi ngingakugwema kanjani (loku). Ngisele namazinyane ayisishiyagalombili kuphela,” kubalisa yena.

Uthe imfuyo ayiziphazamisi izitshalo ngoba izimbuzi uzifuye kwenye indawo eqhelelene nezingadi.

Ukhuthaza abanye abesifazane ukuthi bangakubukeli phansi ukulima ngoba kuyaphileka ngomhlabathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page