Imboni kagesi ibonakala kuyiyona esheshisa izinhlelo ze-Operation Vulindlela ngokusho kombiko odedelwe yihhovisi likamengameli uMnu uCyril Ramaphosa. Isithombe: Sithunyelwe

Iyakhanya indlela embonini kagesi ngenxa ye-Operation Vulindlela 

YINTATHELI YOMBELE

UMBIKO omusha ngohlelo lokuguqula isimo somnotho nenhlalo eNingizimu Afrika i-Operation Vulindlela uveza ukuthi izinhlelo zokuphehla ugesi zihamba kahle njengoba zonke ezazihlelwe kwi-bid window 5 seziphothuliwe. Lezi zinhlelo zizongenisa ugesi owu-288MW kulo nyaka. 

Asephumile namabhidi abantu abazothenga ama-battery nokunye okusiza ukugcina ugesi ohlanzekile owu-616MW ozosebenza ngoJanuwari wango-2028. 

NgoMashi walo nyaka uhulumeni umeme imboni ezimele ukuthi izosebenzisana nawo ukufaka ingqalasizinda yezintambo zikagesi eziwu-1 164km ezizophatha ugesi owu-400kV. 

Imithetho ethinta ingqalasizinda kagesi ishicilelwe ngomhlaka-3 wango-Ephreli ukuze abantu baphawule ngayo. Kuyobesekuphuma isimemo esiya kubakhiqizi bakagesi abazimele ukuthi bazosebenza esizophuma ngoNovemba walo nyaka.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/14/amabhizinisi-azoqhubeka-nokubambisana-ne-operation-vulindlela-kuloba-ubusi-mavuso/

Kulindeleke ukuthi iNational Electricity Regulator of South Africa ize nemigomo okufanele ilandelwe ukuqinisekisa ukuthi ugesi awubizi njengoba sekuzoba nezinkampani eziwudayisela i-Eskom.

Ohlangothini lokuthutha izimpahla, sekwenziwe izivumelwano nemboni ezimele ukuze izosiza iTransnet ukuthutha izimpahla ezingenayo neziphumayo emachwebeni ngamaguzu. Kuzokwaziwa ngo-Agasti 15 ukuthi yibaphi abantu abazosebenza muphi umzila. Sekunophiko lwemboni ezimele kwiDevelopment Bank of South Africa olwenzelwe ukusheshisa umsebenzi embonini yokuthutha izimpahla.

Sesiphumile nesimemo esiya ezinkampanini ezizothutha ngamaguzu i-manganese, i-iron ore, amalahle, izimoto nezinye izimpahla ezizohamba ngezitimela, amaloli nezinye izinto zokuthutha. 

Okuzokwenzeka manje wukuthi kuzokwabiwa imizila yezitimela kwaziwe ukuthi wubani ozosebenza emzileni othile uma kuphela u-Agasti.

Kuzokwenziwa nomthetho ozoqinisekisa ukuthi imboni yezitimela ingenisa imali futhi inokuncintisana okuhle. 

Izinselelo ezinkulu zibonakala komasipala, njengoba umbiko uveza ukuthi imali yokulungisa ingqalasizinda ayisebenzi ngendlela efanele. Kunohlelo lokuguqula isimo sokuthunyelwa izidingo, ikakhulu amanzi nogesi. Lolu hlelo lwenzelwe omasipala ukuguqula indlela abasebenza ngayo.

Ziyaqhubeka nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bakwazi ukufinyelela kwezokuxhumana besebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Amanani e-data ehlile futhi nengqalasizinda yobuchwepheshe bokuxhumana isikhona ezindaweni eziningi. 

Kwezobuchwepheshe, umbiko ugqugquzele abantu ukuthi bathole omazisi abasha njengoba umNyango wezaseKhaya usukwenze kwabalula ukufaka izicelo zabo.
Izinhlelo zama-visa kubikwa ukuthi ziyenzeka ngaphandle kwezihibe kodwa ohlangothini lokulungisa nokwakha ingqalasizinda uhulumeni uthembisa ukuluqapha kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page